UNabi ubukeka ‘ezopheka’ besuthe abalandeli beChiefs kulokhu
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, nabaphathi beqembu babukeka behlanganisa into ebonakalayo njengoba kuvulwe iwindi lokusayinisa abadlali ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2025/2026.
IChiefs ihlale igxekwa ngokungasayinisi abadlali abasezingeni eliphezulu kodwa kulokhu ibonakala ibhukulile kakhulu.
Amakhosi anqobe iNedbank Cup ngokushaya i-Orlando Pirates ngo 2-1 kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMeyi.
Nokho isizini liyiphethe ngegiya eliphansi kakhulu iqembu laseNaturena lihluleka ukuqeda kwiTop 8 kwilogi yeBetway Premiership.
Lokhu kuchaza ukuthi iChiefs ngeke idlale kwiMTN8 ekuqaleni kwesizini, nokuyinto eyenzekile nangesizini edlule.
Kuke kwaba nemibiko yokuthi uNabi angase abone eza ngayo yize eqedise iqembu isomiso seminyaka eyishumi lingayazi indebe.
Eziphendulela kulokhu lo mqeqeshi waseTanzania uthe ufuna iChiefs imthengele abadlali abafunayo abasezingeni eliphezulu, kungenjalo uzohamba ngoba akafuni ukuphindwa esangesizini edlule.
Yize kungekho umdlali osethulwe yiChiefs ngokusemthethweni kodwa sekuyinto eyaziwayo ukuthi bakhona abadlali esibasayinisile.
Kulaba badlali kukhona uThabiso Monyane noPaseka Mako, abadedelwe yi-Orlando Pirates emasontweni edlule no-Asanele Velebayi obekwiCape Town Spurs.
Omunye umdlali okusanda kuvela ukuthi uzogijima kwiChiefs u-Ethan “Cheese” Chislett, ozalelwe eNingizimu Afrika kodwa wafudukela e-Europe eseneminyaka emine.
Ngesonto elisongwayo kuphinde kwavela ukuthi iChiefs izama ukuqeda konke nomgadli uFlavio Silva obedlala e-Indonesia.
Kuvela negama lomdlali wasemuva kwesokunxele uNkanyiso Shinga, oneminyaka engu-25, naye okuthiwa usesayinile esuka phesheya.
Kubadlali abamataniswa neChiefs kodwa okungakacaci ngabo, kukhona uMonnapule Saleng, onezinkinga nePirates, uYaya Sithole, u-Oswin Appolis wePolokwane City noMihlali Mayambela naye oyibamba phesheya.
Leli qembu laseNaturena kubhekiwe ukuthi lisayinise omunye unozinti njengoba bekungacaci kahle ezintini ngesizini edlule.
IChiefs iyadinga ukuba nesikwati elikhulu njengoba izodlala kwiCAF Confederation Cup ngesizini ezayo.
Amakhosi azolibangisa eNetherlands ngoLwesine ukuyolungiselela isizini entsha.
Kuleli lizwe iChiefs izodlala imidlalo yobungani bese ibuyela eNingizimu Afrika.
NgoJulayi 26 iChiefs izogoqa amalungiselelo esizini ngokubhekana ne-Asante Kotoko yaseGhana emdlalweni weToyota Cup, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
UJessica Motaung, oyiMarketing and Commercial Director kwiChiefs, usanda kucela abalandeli baMakhosi ukuthi behlise umoya mayelana nokusayiniswa kwabadlali abasha.
“Sinxusa abalandeli bethu ukuthi babe nesineke futhi basivumele ukuthi siqondise izinto,” kusho uJessica Motaung ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni iToyota Cup.
“Sizokwenza isimemezelo ngakho siyacela nivumele imininingwane iqhamuke kithina.”
IChiefs seyivele imemezele ukuthi isihlukene noRanga Chivaviro, u-Edmilson Dove, uSabelo Radebe, obebolekiswe kwiRichards Bay, noNjabulo Blom, ophindele kwiSt Louis City yase-USA.

