EzakamuvaIBetway Premiership

UMngqithi ukhale ngeVAR bedliwa yiChiefs

SIHLE NGUBO
Ubona bebanjwe inkunzi kubuka wonke umuntu umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uManqoba Mngqithi, ngemuva kokushaywa yiKaizer Chiefs emdlalweni ngoLwesibili.
Kulo mdlalo weBetway Premiership, Amakhosi anqobe ngo 1-0 wegoli elishaywe u-Aden McCarthy ngomzuzu ka-39, eFNB Stadium, eGoli.
Ukunqoba kweChiefs kwenze yanyukela endaweni yesithathu kwilogi yePremiership njengoba iSekhukhune United ishaywe yiStellenbosch FC ngo 1-0, yehlela endaweni yesine.
Lokho kwenza kushube kakhulu phezulu kwilogi yePremiership, eholwa phambili yiMamelodi Sundowns ngamaphuzu angu-29, kulandele i-Orlando Pirates ngawu-28, bese kuba yiChiefs ngawu-27.
Nokho iPirates inethuba lokubuyela esicongweni ihlale ngokunethezeka, uma inganqoba imidlalo emibili esalele ngayo emuva kwiSundowns neChiefs, asebedlale engu-14.
Ngemuva komdlalo wangoLwesibili uMngqithi ubedinwe ethunya, ekhala ngegoli elingenile, akholwa ukuthi beliyi offside.
“Ngeke ngigxeke abaphathi bomdlalo – ibhola uqobo selishintshe kakhulu futhi liyasiphoqa ukuthi sinyakaze kulokho,” kusho uMngqithi.
“Asidlaleki u-R500 000 lapha kodwa sidlalela u-R20 million. Ngakho kumele seyibheke le nto yeVAR.”
Wonke amasizini kuhlale kukhalwa ngonompempe nezinqumo abazithathayo, ezigcina ‘ziqhatha’ abalandeli ezinkundleni zokuxhumana.
UJimmy Tau, owake wadlalela iChiefs, naye ukhalile kakhulu ngaleli goli, wathi bekungamele livunyelwe.
“Into ebuhlungu ukuthi abaqeqeshi bagcina bexoshwa emaqenjini, uthole ukuthi eminye imidlalo ibalahlekele kanje,” kusho uTau ongumhlaziyi weSuperSport TV.
IChiefs izobeka imiqondo emqhudelwaneni ohlukile ngempelasonto njengoba izobhekana neZesco United yaseZambia kwiCAF Confederation Cup, ekuhambeni ngeSonto.
Amakhosi ayadinga ukuthola amaphuzu aphelele kulo mqhudelwano kulandela ukushiywa emdlalweni wokuqala wamaqoqo, nokudlala ngokulingana kowesibili.