EzakamuvaIbhola

Elase-Egypt lichazekile ngesihlabani sePirates

Kunomdlali oqavile we-Orlando Pirates osehehe amehlo ezinkunzi zase-Egypt, i-Al Ahly futhi kuthiwa zisemizamweni yokumthola.

Ngokwemibiko eqhamuka kuleliya lizwe, leli qembu okudlala kulo uPercy Tau selinokubathanda abadlali bakuleli.

Ngaphambi kukaTau, leli qembu lake lasayina uPhakamani Mahlambi esemncane kodwa ngenxa yokuhluleka ukuziphatha washeshe wabuya.

Manje leli qembu limataniswa noTeboho Mokoena weMamelodi Suundowns okubukeka kungaba nzima limthole.

Yingakho ke mhlawumbe selijikele kuRelebohile Mofokeng we-Orlando Pirates okuthiwa limfuna uthuli. 

Ngokubika kweKingFut, i-Al Ahly izimisele ngokusayinisa uMofokeng wePirates.

“Iqembu lakamuva elingenele umjaho wokumsayinisa (uMofokeng) izinkunzi zase-Egypt nase-Afrika i-Al Ahly,” kubika leli phephandaba.

“I-Ahly kulindeleke ukuthi idedele umdlali waseFrance u-Anthony Modeste nomdlali wasesiswini waseMali u-Aliou Dieng…

“Lokhu kuzovumela ikilabhu ukuthi isayinise abadlali ababili bangaphandle.”

Kuvele nokuthi lesi sihlabani se-Orlando Pirates sekunezinhloli zase-Europe ezimqaphe ngeso lokhozi ngoba zifisa aye emaqenjini azo.

Kulawo maqembu kuvela neGlasgow Rangers yaseScotland okuthiwa isha amashushu ngalo mfanyana weBucs.

“Kubikwa ukuthi izinhloli zilandela lo mdlali owenza izimanga eNingizimu Afrika,” kubika iRangers Review.

“Imibiko yakamuva ithi iRangers ingelinye lamaqembu ase-Europe afuna umdlali we-Orlando Pirates uRelebohile Mofokeng.”