EzakamuvaIbholaiGladAfrica Championship

UShaun Bartlett usola uvalo kubadlali beSpurs abashwebe isicoco

By Alfred Ngubane

Umqeqeshi weCape town Spurs uShaun Bartlett  uthi namanje inhliziyo yakhe ivele iqaqambe uma ekhumbula okumehlele ngempelasonto. 

Phela leli qembu lakhe liphoxeke selizibhekile ekunqobeni iMotsepe Foundation Championship egcine ihambe nePolokwane City.

UShaun Bartlett uthi usola ukuthi abadlali bakhe bavele bangenwa amanzi emadolweni ngokusu lwemidlalo yokugcina. 

Ingcindezi beyinkulu njengoba bekumele banqobe kwi-University of Pretoria bese beba ngompetha baphinde bathole nesitifiketi sokudlala kwiDStv Premiership. 

“Hhayi angazi kwenzekeni kodwa kuvele akwangadlaleka nhlobo kubo. Ngiyasola babe nokwethuka nokusaba,” kusho uShaun Bartlett.

Njengoba iSpurs ihlulekile ukungena kwiPremiership ngokunqoba kwiChampionship, sekumele idlale imidlalo yokuhlunga. 

Kuzoba yibo, iCasrics Stars, eqede endaweni yesithathu kwiChampionship, neqembu elizoqeda endaweni ka-15 kwiPremiership kule midlalo. 

ElePremiership kuzocaca kule mpelasonto ukuthi yiliphi phakathi kweMaritzburg United, Chippa United neMarumo Gallants. 

“Siyafana nabantu abazigwaze ngowabo, laphuma kanjalo ke iqatha selisemlonyeni.

“Kumanje kuzoba nzima kubadlali  njengoba iPSL isikhiphile izinsuku esizodlala ngazo imidlalo yokuhlunga. 

“Abadlali bethu basalimele emqondweni  futhi kuzodingeka sithole abantu abazobaluleka ngokusehlele.” 

UShaun Bartlett uthi abadlali wabadonsa ngendlebe ukuthi kumnyama kubomvu kumele bawunqobile lo mdlalo wokugcina.

“Kodwa lokho abakwenzanga bona  njengoba sesizithola kulolubishi lokudlala imidlalo yokuhlunga.

“Akekho ongazi ukuthi ilikhuni le midlalo yokuhlunga,” kuphetha lo mqeqeshi owake wanyusa iGolden Arrows ebambisene noBheka Phakathi ongasekho emhlabeni. 

BUKA: BUKA: Ngabe uFadlu Davids ucele umaluju kuRulani Mokwena?

Le midlalo yokuhlunga ihlale isolwa ngokuthi iyenzelela eqenjini ebelidlala kwiPremiership kwazise lisuke linabadlali abangcono nabanamava. 

Abanye bafisa ivele iyekwe le midlalo yokuhlunga, kuthi amaqembu amabili qede phezulu kwiChampionship anyuke bese amabili aqede ezansi kwiPremiership aphume.