EzakamuvaIbhola

UPitso noMngqithi bangazithola bebhekana neDowns kwiMTN8

IKaizer Chiefs izobhekana neMamelodi Sundowns nakanjani kwiMTN8 uma ibambelela endaweni yesishiyagalombili kwilogi yeDStv Premiership ekupheleni kwesizini.

Leli qembu laseNaturena alinyakazi kule ndawo elihleli kuyona futhi kubukeka kuzoba njalo noma lingawunqoba umdlalo wokugcina elizowudlala neCape Town Spurs, esidliwe yizembe, ngoMeyi 25.

Amakhosi adlale ngokulingana okwesithathu kulandelana ngesikhathi ebambana nePolokwane City ngo 0-0, emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium, ngoMgqibelo ntambama.

Kulo mdlalo iChiefs ihluleke yancama ukuthola igoli, futhi kube kubi kakhulu njengoba u-Ashley du Preez esheshe waphuma ngenxa yokulimala.

Kubonakale u-Itumeleng Khune obehlonishwa yiChiefs ngamagalelo akhe kuleli qembu laseNaturena.

Ungene ngesiwombe sesibili, sekusele imizuzu engu-15, endaweni kaBruce Bvuma. Nokho ukuhlonishwa kwakhe akuzange kuhambe nokunqoba kweqembu njengoba lidlale ngokulingana neRise and Shine.

IChiefs kumele iwunqobe nakanjani umdlalo wayo wokugcina weligi ngoba uma ingakwenzi lokho amaqembu angemuva kwayo angayigudluza endaweni yesishiyagalombili ekuyona.

Leli qembu laseNaturena kulindeleke lenze izinguquko ebhentshini lalo uma sekusongwe isizini yePremiership.

Vele uCavin Johnson uzoshenxa ekuqeqesheni iqembu ngoba ubebambile ngemuva kokuxoshwa kukaMolefi Ntseki. 

Kulindeleke ukuthi iChiefs imemezele uManqoba Mngqithi njengomqeshi kanti kuvela ukuthi uma kwenzeka lokho uzosizwa uLehlohonolo Seema, osanda kumiswa yiSekhukhune United, noRomain Folz, oke waqeqesha AmaZulu FC.

Abazazi zonke ezaseNaturena bahlebele Impempe ukuthi ekaPitso Mosimane ayiyekiwe futhi naye uyafuna ukuyosebenza kwiChiefs.

“UManqoba (Mngqithi) uyaya nakanjani kwiChiefs. Uma igcina ivumelene noMosimane uyena ozoba yiphini lakhe noSeema,” kusho umthombo.

“Uma uPitso egcina engavumelananga neChiefs uManqoba uyena ozoba yinhloko yabaqeqeshi nokuyilapho kuzoza khona noFolz.”

Izinguquko kwiChiefs zilindeleke nakubadlali njengoba vele kukhona abaphelelwa yizinkontileka.

Kulabo badlali abaphelelwa yizinkontileka, kubalwa uKhune, uSiyethemba Sithebe noSifiso Hlanti.