Umqeqeshi weSundowns uchaza eyokukhuhlisa uShalulile ibhentshi
SIHLE NGUBO
Ubukeka engakholelwa kuPeter Shalulile umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, yize lo mdlali waseNamibia aziwa kahle amagalelo akhe.
Lo mgadli, osehlohle amagoli angu-129 (alingana nakaSiyabonga Nomvete) emidlalweni yePremier Soccer League (PSL), akalitholi ngendlela ijezi ngaphansi kukaCardoso.
UShalulile ubebuka esebhentshini iSundowns ibambana neKaizer Chiefs ngo 0-0 emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.
Bekunethemba lokuthi uzomfaka lo mdlali ngesiwombe sesibili, sekucaca ukuthi awuqhamuki amagoli, kodwa kwagcina kungenzekanga.
Ebuzwa ngemuva komdlalo ukuthi yini emgcine ebhentshini uShalulile, osehlohle amagoli ayishumi uma ebhekene neChiefs, uCardoso uziphendulele.
“UPeter uzolithola ithuba nakanjani, umbuzo owokuthi hlobo luni lomdlalo owudlalayo,” kusho uCardoso kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“Kuncike ekutheni udlala muphi umdlalo, uPeter bese simsebenzise nakanjani.”
“Ungumdlali omuhle ezindaweni ezimfushane uma iqembu lenyukile, adlale ebhokisini, uyakwazi ukufunda umdlalo.
“Ngakho yilowo uPeter esizomsebenzisa futhi wonke umuntu kuleli qoqo ubalulekile kithina.
“Asichithi muntu kodwa sizobhekisisa umdlali okahle, isikhathi esikahle nalokho okusuke kwenzeka.”
ISundowns inomdlalo onzima ngempelasonto njengoba izobhekana neStellenbosch FC, e-Athlone Stadium, eKapa, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Kuzomele izame ukuthola amaphuzu amathathu kulo mdlalo ukuze iphebeze ingcindezi.
“Omunye umdlalo onzima lowo, yiqembu elihle kakhulu,” kuqhuba uCardoso.
“Ngicabanga ukuthi kubalulekile ukuzama ukuba yimiqemane – sizobheka bonke abadlali sibone ukuthi ubani ozoya empini.
“IStellenbosch inamahora angu-24 ngaphezulu, badlale izolo.
“Ngicabanga ukuthi ngalo mdlandla sisondele etheni sinqobe.
“Sisondele ekutheni sinqobe umdlalo ofana nalona, bese kube yilona esizowudlala neStellenbosch.”
IStellies inqobe umdlalo wayo wokuvula wesizini ishaya iMarumo Gallants ngo 1-0 ngoLwesibili ebusuku.
Nakanjani izofuna ukuqhubeka nomgqigqo omuhle ngoMgqibelo.

