Kuhlangane imidlalo eyishumi iBucs ihluleka ukushaya iDowns kweyeligi
SIHLE NGUBO
‘Akukona ukwenza kwami ngedwa kodwa ngisizwa ozakwethu esidlala nabo.’
Usho kanje uRibiero Costa ngemuva kokuthi iMamelodi Sundowns ibhaxabule i-Orlando Pirates ngo 4-1 emdlalweni weBetway Premiership, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ntambama.
Lo mdlalo ububhekwe ngabomvu njengoba iBucs iye kuwona isele ngamaphuzu ayisithupha kwiDowns eseqhulwini – yize ilandela ngemuva ngomdlalo owodwa.
“Bayangisiza kakhulu (ozakwethu) bayangilwela. Yiqembu lami lonke elidlala kahle,” kusho lo mdlali waseBrazil oqokwe njengovelele kulo mdlalo.
IPirates ibibukeka ihluleka ukuhlanganisa kahle amaphasi emizuzwini yokuqala esiwombeni sokuqala. Lokhu bekunika ithuba eliningi ebholeni abadlali abafana noRiberio Costa noMarcello Allende.
Ukudlala kahle kweSundowns kugcine kuthele izithelo ezinhle ngesikhathi uGrant Kekana elibeka enethini ngomzuzu ka-13 ngemuva kwe-free kick.
Kube sekugiya iSundowns ngemuva kwalokho, ifuna ukuyihlinza izwa iPirates. URibeiro uthole ibhola esengxenyeni yeqembu lasekhaya, wadweba nalo waze wayolibeka enethini yezivakashi ngomzuzu ka-27.
Ibuye kangcono iBucs ngesiwombe sesibili izama ukucindezela iDowns. UDeon Hotto ushaye igoli ngomzuzu ka-57 kwaba ngu 2-1.
Ukujabula kwabalandeli bePirates kube okwesikhashana njengoba ebuyile uRibiero waseBrazil, washaya igoli lesithathu ngomzuzu ka-59.
Kuvele kwacaca ukuthi sekuphelile ngeBucs ngesikhathi uTebogo Mokoena eshaya intuthu yegoli ngomzuzu ka-78.
Ukushaywa kweBucs kuchaza bese kungumdlalo weshumi ihluleka ukunqoba uma ibhekene nompetha beligi. EZimnyama zagcina ngo-2020 ukushaya Abafana Ba’Style, ngesikhathi seCovid-19.
Lokhu kunqoba kweDowns kuchaza ukuthi seyivule igebe lamaphuzu ayisishiyagalolunye phakathi kwayo neBucs kwilogi yePremieship. Emdlalweni olandelayo iDowns izobhekana neTS Galaxy.