OweDowns uthembisa ukuntshontsha amaphuzu amathathu kwiChiefs
SIHLE NGUBO
Umdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns, uSiphelele Mkhulise, uthi bazimisele ngokunqoba uma sebebhekene neKaizer Chiefs, emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Lo mdlali ushayela phezulu kulandela ukushaya amagoli amabili, esuka ebhentshini, ngesikhathi beguqisa iTS Galaxy ngo 3-2 koweBetway Premiership, eMbombela Stadium, ngoLwesibili.
Lona bekungumdlalo wokuqala weligi waBafana Ba’Style, njengoba wahlehliswa ababezodlala neMarumo Gallants emasontweni amabili edlule.
Bese kungokwesibili iSundowns inqoba ngo 3-2 njengoba kube amagoli afanayo ishaya iPolokwane City kwi-quarterfinal yeMTN8, ngoMgqibelo.
Okungase kukhathaze umqeqeshi weSundowns, uMiguel Cardoso, ukuthi iqembu lakhe lidedela amagoli kalula selokhu kuqale isizini, nokuyinto engejwayelekile kuleli qembu laseChloorkop.
UMkhulise uthe kubajabulise kakhulu ukudlula kwiRockets ehlale ibanika ubunzima.
“Sijabule kakhulu njengeqembu. Into esihlezi siyibeka phambili ukuthi sifuna ukunqoba yonke imidlalo esiyidlalayo ngoba sifuna ukwenza kahle kuyo yonke imiqhudelwano esiyidlalayo,” kusho uMkhulise oneminyaka engu-30.
“Umoya ukahle kakhulu eqenjini, yize sazi ukuthi singaba ngcono ezintweni eziningi.”
IRockets iyona ephazamise iSundowns ekutheni iqukule isicoco seligi okwesishiyagalolunye kulandelana. Leli qembu likaTim Sukazi lishaye iDowns ngo 3-2 ngasekupheleni kwesizini edlule.
“I-TS Galaxy ihlezi isinikeza inkinga ikakhulukazi uma sidlala ekuhambeni eMbombela Stadium,” kusho uMkhulise.
“Into esizitshele yona singamajita ukuthi singalilahli ithemba, sidlale kusukela emzuzwini wokuqala kuze kube owokogcina.
“Kusizile kakhulu lokho ngoba sibeke imiqondo emdlalweni, salinganisa saze sashaya negoli lokuwina.”
ISundowns kuzomele izame ukwenza okufanayo uma isibhekene neChiefs ngoMgqibelo. UMkhulise ukholwa ukuthi bangawunqoba lo mdlalo.
“Umdlalo omkhulu, iChiefs yenza kahle kwilogi, sebenqobe imidlalo emibili.
“Badlalela ekhaya futhi bagqugquzelekile. Kodwa nathi njengeSundowns sizimisele futhi siwulingele lo mdlalo omkhulu kangaka, ngoba sifuna ukujabulisa abalandeli bethu.
“Sifuna amaphuzu amathathu (kulo mdlalo) ukuze usibeke phezulu kwilogi (yeBetway Premiership).”
Ngesizini edlule iChiefs neSundowns badlale ngokulingana kuyona yomibili imidlalo yeBetway Premiership.
Emdlalweni wokuqala kube ngu 0-0 kwathi kowesibili kwaphela zibambene ngo 1-1.
IChiefs ishaye iSekhukhune United ngo 2-0 ngoLwesithathu ebusuku, okuyenza ihlale eqhulwini ngamaphuzu ayisithupha kwilogi.

