Usophe ukuvuka azithathe ngemuva kokulimala olaxazwe yiChiefs
U-Bonfils-Caleb Bimenyimana usanda kuphumela obala ngokuphazamiseka kwakhe ngenxa yokulimala athi kuyinselelo enkulukazi aseke wabhekana nayo empilweni.
Lo mgadli obegijima kwiKaizer Chiefs ngesizini edlule, ulimale ngesikhathi edlala eqenjini lesizwe langakubo iBurundi emidlalweni yokuhlungela i-Afcon bebhekene neCameroon ngenyanga edlule.
Lokhu kulimala edolweni kuphazamise lo mdlali oneminyaka engu-25 obelindelwe ngabomvu eqenjini lakhe elisha, i-Al Ahli Benghazi yaseLibya.
UBimenyimana ubejoyine leli qembu laseNyakatho ne-Afrika ngemuva kokuhlukana neChiefs ekuqaleni kwesizini.
KuBimenyimana, lokhu kulimala kuyinselelo enkulu njengoba ezohlala isikhathi eside engadlali.
Kodwa-ke, kuyamjabulisa ukuthi ukuhlinzwa kwakhe kube yimpumelelo futhi kumnikeza ithemba lokuthi uzolulama.
Manje usegxile ekwelulameni, nasekubuyeleni enkundleni, eqinile futhi engcono.
“Makabongwe UNKULUNKULU! Ukuhlinzwa kube yimpumelelo namuhla. Okuhle kakhulu wukuthi sikwazile ukulungisa lento,” ubhale kanje kwi-Instagram.
“Ukulimala okukhulu kwengake ngaba nakho. Uhambo lokwelulama luzoba lude futhi lube buhlungu. Kodwa ngeke ngilahle ithemba.
“Futhi sengibheke ukubuya ngamandla. Manje ngigxile ekululameni kwami.
“Ngigcwele ukubonga kakhulu futhi ngibusisekile ngodokotela abamangalisayo nabo bonke abasebenzi (bezempilo) ngokunginakekela ngesikhathi ngihlinzwa.
“Bengifuna ukuthi nje NGIYABONGA! Ngibonga kakhulu nasemndenini wami omangalisayo nabangane ngokungeseka kwabo.
“Ngingumuntu impela ngokuba nani nonke empilweni yami. Sizobonana maduze nje enkundleni,” kuchaza uBimenyimana.
Ngesikhathi ejoyina iChiefs, uBimenyimana ubebukeka engumdlali osezingeni eliphezulu kuleli qembu laseNaturena ebelilangazelela ukuthola umgadli obukhali.
Usheshe wabonakala ezakhela igama, ebhakuzisa inethi amahlandla ambalwa. Lo mdlali odabuka eBurundi uqede isizini yakhe yokuqala kuMakhosi evalele enethini amagoli ayisishiyagalombili emidlalweni engu-21.
Waduma ngokuqopha umlando njengomdlali wokuqala kwiPSL ukushaya amagoli amathathu amaphenathi emdlalweni owodwa.
FUNDA NALA: UMihlali ubalisa ngomfowabo ‘ongafikalanga ezingeni elimfanele’
Lo mdlali oneminyaka engu-25 nokho ushiye iChiefs kungasekuhle njengoba ajabula waze wagiya ngesikhathi leli qembu limkhulula.
Lokhu kwakuveza ngokusobala ukuthi inhlalo yakhe yayingaseyinhle kwiChiefs.