EzakamuvaIbhola

UNkanyiso Zungu ushiyile kwiRoyal AM, uzama kwelinye iqembu

Njengoba kungacaci ukuthi kuzokwenzekani ngaye kwiRoyal AM, uNkanyiso Zungu useqoke ukushiya ayozama inhlanhla kwelinye iqembu leDStv Premiership. 

Lo mdlali wasesiswini onekhono elihle kodwa ohlushwa yidimoni lophuzo, ubejima kwiRoyal AM ngesifiso sokugcina esayinile. 

Ubefike kuyo kulandela ukulaxazwa yi-Orlando Pirates negayivuselelanga inkontileka yakhe ngenxa yezizathu zokungaziphathi kahle kwakhe. 

Ngesizini edlule ubebolekiswe kwiRichards Bay kodwa nayo yamchitha ingakapheli isizini, imbuyisela kwiPirates ngoba esolwa ngokuxova eqenjini. 

Impempe yabika ukuthi lo mdlali ubezinkintshela utshwala qede adelele ozakwabo eqenjini, ebatshela ukuthi yena ungcono kunabo. 

Yilokho ke okwenze uNkanyiso Zungu azithole engasenaqembu. Nokho kuthe uma kuqalwa amalungiselelo esizini entsha, waya kwiRoyal AM. 

Ujime nayo futhi nangesikhathi kudlalwa imidlalo yePremier’s Cup nePrince Mangosuthu Legacy Cup ubekhona eqenjini likaJohn Maduka. 

Nalo belizimisele ukumsayina kodwa inkinga isekutheni lisavaliwe kulokho ngenxa yokugwetshwa yicala lokuxosha uSamir Nurkovic. 

Manje njengoba kusondela izinsuku zokuvalwa kwewindi lokusayina abadlali nje – livalwa ngoSepthemba 22 – uNkanyiso Zungu useqoke ukuyozama kwelinye iqembu. 

Ngokubika kwabeFARPost, lo mdlali ubuyele lapho aqala khona ibhola elikhokhelayo, kuMaZulu FC, la asejima khona manje. 

Kuke kwavela naphambilini ukuthi uke wafongqa isigqoko wayozama kwiStellenbosch FC la ayeke adlala khona phambilini, kodwa wachithwa nakhona. 

Nokho kubukeka engase abe nenhlanhla kuMaZulu njengoba kuthiwa umqeqeshi, uPablo Franco ukuthandile asakubonile kuye. 

FUNDA NALA: Kwenzakalani ngoSithebe kwiChiefs? Imenenja iyacacisa

Kuthiwa udlalile ngoMgqibelo ngesikhathi AmaZulu ezwana amandla neRoyal AM le abesehlale kuyo isikhashana ethembe ukusayinwa.