Mkhulu umsebenzi kaMammila kwiChippa – Kwanele Kopo
UKwanele Kopo, ongumqeqeshi weChippa United ngokubambisana noThabo September, usephawule ngeqhaza likaMorgam Mammila kuleli qembu.
Kuqale isizini uMammila engumqeqeshi futhi efunga ukuthi uzoyiqeda isizini.
Nokho ubuyiselwe esikhundleni sokuba ngumphathi wethimba labaqeqeshi ngesikhathi kulandwa oKwanele Kopo noThabo September.
Ekhuluma nabe-iDiski Times kuleli sonto, uKopo uveze isizathu esenze bafune ukusebenza naye uMammila eqenjini.
“Sinomqeqeshi uThabo sibone kunesidingo sokuthi abe khona (uMammila) njengoba kwenzeka izinguquko eqenjini.
“Uyadingeka ukuze uguquko luhambe kahle ikakhulukazi ngasohlangothini lwabadlali ngoba ukushinsthwa kwabaqeqeshi kuletha izinselelo eziningi eqenjini.
“Kwamanye amaqembu uthola ukuthi abadlali baokuzwana okuthile nomqeqeshi oshiyayo,” kuchaza uKwanele Kopo.
“Ngokokuqala mina noThabo siba ngabaqeqeshi ngokugcwele, ngakho bekumele siqaphele…
“Ngeke uvele ugxumele edamini nje ngoba nakhu ugajwe yinjabulo,” kuchaza yena.
“Yingakho sidinga umuntu osenamava kulesi simo ngoba ukuqeqesha akuwona nje amacebookudlala kuphela, kodwa kumele ulawule nabadlali, nabasehhovisi.
“Yingakho ke umqeqeshi uMorgan, ngaphezu komsebenzi awenzayo wokuqeqesha, uyasisiza ngokuphathwa kwabadlali.
“Uyabaqonda bonke abadlali futhi unokuxhumana okuhle nabaphathi nekilabhu nje iyonke.
“Thina sisebasha lapha futhi uyazi wonke umuntu uma uya kwiChippa uthi uhambe nesikhwama esisodwa sezimpahla.
“Ngicabanga ukuthi umqeqeshi uMorgan uyasisiza ukuthi sandise isikhathi esizosihlala lana.
FUNDA NALA: UBroos udalula akuxoxa noKhoza wePSL ngeBafana
“Sijabule ngokuba naye, sinokusebenzisana okuhle naye, unobudlelwano nabadlali kanti thina sisebasha lapha njengoba bese ngike ngasho.”
UKopo noSeptember basayibambe kahle insimbi kwiChippa njengoba kumanje beyifake emzuliswaneni olandelayo kwiNedbank Cup.

