EzakamuvaiCarling Knockout Cup

I-Bay ne-Arrows basethubeni elihle lowamanqamu weCarling Knockout

 

SIHLE NGUBO

Amaqembu aKwaZulu-Natal, iRichards Bay FC neLamontville Golden Arrows, anethuba lokudlala womabili kowamanqamu weCarling Knockout ka-2025.

Lokhu kulandela ukuqhathwa kwamaqembu azobhekana kweyandulela owamanqamu kulo mqhudelwano ngoLwesithathu ebusuku, ngemuva komdlalo weMarumo Gallants neStellenbosch FC.

INatal Rich Boyz, ebukeka izelwe kabusha kule midlalo edlule, izobhekana ne-Orlando Pirates ekhaya enkundleni esazomenyezelwa ngokusemthethweni yiPremier Soccer League (PSL).

Njengamanje leli qembu lisebenzisa Umhlathuze Sports Complex njengenkundla yalo lasekhaya.

Nokho asikho isiqiniseko sokuthi iPSL izovuma ukuthi lo mdlalo uye eMhlathuze ngoba iPirates inabalandeli abaningi futhi idlala kahle kulezi zinsuku.

IBay seyike yayikhipha iPirates kwiCarling Knockout ngo-2023, lapho iyishaye khona ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi.

Umdlalo wawuphele ngo 0-0 emizuzwini engu-120, nokuyinto engaphinde izame ukuyenza iBay ngoba akulula ukuhlasela iPirates umdlalo wonke.

INatal Rich Boyz ishaye iChippa United ngo 4-1 kwiLast 16, yase ilandelisa ngokubhaxa omkhaya iDurban City ngo 3-1 kwi-quarterfinal yeCarling Knockout.

Ngasohlangothini lwe-Arrows nayo ibukeka idlala kahle kwiCarling Knockout futhi ngeke kumangaze uma ingashaya iMarumo Gallants bese izibekisele indawo kowamanqamu.

Abafana Bes’thende bashaye iSekhukhune United ngo 3-1 kwiLast 16, base bedlula ngo 2-1 kwiTS Galaxy kwi-quarterfinal.

Amaqembu aKwaZulu-Natal awakaze ayodlala ekuhambeni kwiCarling Knockout kule sizini, futhi abukeka ekusebenzisa kahle lokho.

Empeleni wonke amaqembu abedlalela ekhaya kuma-quarterfinal eCarling Knockout, ayinqobile imidlalo yawo.

Isimo sivuna iBay ne-Arrows ukuthi badlulele kowamanqamu, uma kubhekwa indlela izinto ezisahambe ngayo kulo mqhudelwano nonyaka.

Imidlalo eyandulela owamanqamu izodlalwa ngempelasonto kaNovemba 8 no-9 KwaZulu-Natal.