ULarsen uveza imflihlo yeMagesi ngemuva kokushaya iDowns
SIHLE NGUBO
‘Ngiyasiqinisa isandla kulaba badlali, ngesinye isikhathi ngicabanga ukuthi akuyona into enhle.’
Usho kanje umqeqeshi weMagesi FC, uClinton Larsen, ngemuva kokuthi iqembu lakhe lishaye iMamelodi Sundowns ngo 2-1 emdlalweni wamanqamu weCarling Knockout, eToyota Free State Stadium, ngoMgqibelo.
Ukunqoba kukaLarsen neMagesi kuyinto ebingalindelwe abantu abaningi njengoba iSundowns ibingakaze idedele igoli kulo mqhudelwano.
“Yinganekwane, angithi? Ngiyaziqhenya ngalaba bafana…iningi labo selichithwe amaqembu amaningi.
“Asinabo abadlali abanekhono ngaleyo ndlela njengoba behlale besho.
“Ngingasho ngithi kokunye sibe ngenhlanhla kakhulu. Sinqobe sidlala neqembu elihle kakhulu.
“Kumele ngiyishayele ihlombe iMamelodi Sundowns. Bayiqembu elidlala kahle kakhulu.”
Umqeqeshi weSundowns uManqoba Mngqithi uthe: “Bekungavumi kona…senze konke okusemandleni ukunqoba umdlalo.”
ULarsen uke wayishaysa iSundowns kowamanqamu walo mqhudelwano isabizwa ngeTelkom Knockout ngo-2012.
Igoli likaJoel Mogorosi, elasusa omkhulu umsindo, yilona elaweza iCeltic ngelibanzi. Ekugcineni uLarsen lasebenza itulo lakhe lokugingqa iSundowns.
Ubuyile futhi uLarsen neCeltic ngo-2015 wahlaza iSundowns eyibhaxabula ngo 5-0 emdlalweni weligi. Lokhu kwayiphazamisa kakhulu embangweni wesicoco seligi esagcina sikhale semuka neKaizer Chiefs.
IMagesi izobhekana ne-All Stars emdlalweni weCarling Cup e-Orlando Stadium, ngoDisemba 21.