Ubuye kwezwakala uLorch kwiBucs, ‘ubekukhumbule’ ukudlala
UThembinkosi Lorch akakhombisanga ukuthi usenesikhathi agcina ukudlala ngesikhathi eqokwa njengomdlali ovelele i-Orlando Pirates ikhipha iCape Town Spurs kwiCarling Knockout Cup.
IPirates inqobe lo mdlalo obuse-Orlando Stadium ngo 2-0, kanti abalandeli bavotele yena ukuthi aphume nesheke lika-R100 000.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uLorch uvume ukuthi bekunzima ukuhlala ngaphandle njengoba ebenyiwa iskimu nje.
“Okokuqala nje, ngifuna ukubonga uMdali ngethalente angiphe lona, nethuba lokuphinde ngilisebenzise namuhla,” kusho uLorch.
“Unyaka obe nzima kimi, kodwa bengilokhu ngiqhubeka. Ngibonga nomndemi wami ngokungeseka.
“Ngibonga nabalanlei bePirates ngokungeseka. Bengilokhu ngiyithola imiyalezo yabo, bengibuza ukuthi kanti ngibuya nini.
“Bengingadlali, kuba nzima uma umdlali ofana nami engadlali, kodwa ke sinabadlali abahle kakhulu eqenjini. Bekumele ngisebenze kanzima ukubuyela eqenjini.
“Ukukhuluma iqiniso nje, bekunzima esiwombeni sokuqala. Kodw aumqeqeshi uyangethemba.
“Ungibuzile ukuthi ngingaqhubeka yini ngidlale, ngathi, ‘ya ngisangaqhubeka’ yize emizuzwini yokugcina bese kunzima.
Yize iSpurs izamile, ikhombisa ukuthi ibingayele ukuyochitha isizungu e-Orlando, kodwa bekubuye kucace ukuthi amandla amakhulu angakuphi.
ISpurs iwatholile amathuba amahle esiwombeni sokuqala, kodwa yehluleka ukuthola okuthile kuwo.
NePirates ibe nawo futhi ishaye ipali kwaze kwakabili. Kodwa ize yalithola esiwombeni sesibili igoli.
Elokuqala kube yiphenathi eqhamuke ngemuva kokuthi unozinti uZama Dlamini ebambe unyawo luka-Evidence Makgopa. Ivalelwe phakathi uTapelo Xoki.
Elesibili lishaywe uKermit Erasmus, eqedela umnyakazo omuhle ngokujika unozinti ngaphambi kokulidudulela enethini ibhola.
IPirates seyijoyine iTS Galaxy abalinde nayo amanye amaqembu esigabeni esilandelayo kulo mqhudelwano omusha.
FUNDA NALA: Uchaza usizi adlula kulo ehlushwa uMaweni owayedlala kwiDowns
IGalaxy yona iwashise iMamelodi Sundowns, iyishaya ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi eMbombela Stadium ngoLwesithathu.