EzakamuvaIBetway Premiership

Kuhlehliswe umdlalo weTS Galaxy neKaizer Chiefs kwiBetway Premiership

SIHLE NGUBO

Ukudlala kweKaizer Chiefs kwiCAF Confederation Cup sekwenze kwaphazamiseka umdlalo wayo weBetway Premiership ebizowudlala neTS Galaxy kule nyanga.

Lo mdlalo bekumele ube ngoSepthemba 21 eMbombela Stadium kodwa ubungadlalwa ngoSepthemba 14 njengokohlelo lwePremier Soccer (PSL) League lwamaqembu azoyibamba kwiCAF.

Nokho ngoSepthemba 13 iMbombela Stadium izobe isingethe umdlalo wamanqamu weMTN8 phakathi kwe-Orlando Pirates neStellenbosch FC.

“Umdlalo weTS Galaxy neKaizer Chiefs kule nyanga sewuhlehlisiwe,” kusho isitatimende seChiefs.

“Amakhosi anomdlalo weCAF ngempelasonto kaSepthemba 20, kanti usuku obekucushwe ngalo (uSepthemba 14) ngeke lulunge ngenxa yokuthi iMbombela Stadium inomdlalo wamanqamu weMTN8.

“I-PSL izocacisa ngokuthi yiluphi usuku olusha lomdlalo.”

Omunye umdlalo okuvela ohleni lwePSL ukuthi usuhlehlile, obekumele ube phakathi kwaMaZulu FC ne-Orlando Pirates ngoSepthemba 20 eThekwini.

IBucs ngeke ikwazi ukudlala lo mdlalo ngoSepthemba 14 ngoba izobe idlala owamanqamu weMTN8 neStellies.

IMamelodi Sundowns yona izokwazi ukudlala umdlalo wayo neMagesi FC, eLucas Moripe Stadium, ngoSepthemba 14.

IPirates izithole iqeda imidlalo yayo yeligi ngemuva kwamanye amaqembu ngesizini edlule, ngenxa yokudlala kwiCAF Champions League.

Ukuhlehla kwemidlalo kuyawaphazamisa kakhulu amaqembu ePSL ngoba azithola esedlala imidlalo ethothene kakhulu.

IChiefs izobuyela enkundleni ngokubhekana neSekhukhune United emdlalweni weBetway Premiership ngoSepthemba 16.

La maqembu iwona azithola phambili ngamaphuzu angu-13 ngemuva kwemidlalo emihlanu yeligi.

Womabili asenqobe emine ase edlala ngokulingana owodwa lilinye.

IChiefs ayikadedeli nelilodwa igoli selokhu kuqale isizini entsha yeBetway Premiership.