Uzulelwa amanqe u-Arthur Zwane kwiChiefs, umphathi omkhulu akeneme
By Intatheli yeMpempe
U-Arthur Zwane usefake abaphathi beKaizer Chiefs enkingeni njengoba kuvela ukuthi kuphambene imibono ngekusasa lakhe kuleli qembu.
IChiefs ibe nesizini embi kunawo wonke kusukela kwasungulwa iPremier Soccer League (PSL) njengoba ihlulwe emidlalweni engu-12 yonke.
Idlale ngokulingana kwemihlanu, yabe seyinqoba kwengu-13. Lokhu, kuhambisana nenhlakanhlaka yebhola ebelidlalwa yiqembu akwehlanga kahle kubalandeli.
Impempe seyithole ukuthi usihlalo weChiefs, uKaizer Motaung omdala uphume enkundleni ecasuke ethelwa ngamanzi ngoMgqibelo.
Lokhu bekulandela ukuthi iChiefs ibhacazile, yadlala ibhola elingathembisi ngesikhathi ishaywa yiCape Town City eFNB Stadium ngoMgqibelo.
ICity iwunqobe ngo 1-0 lo mdlalo yize idlale ingxenye enkulu yalo mdlalo ingasaphelele njengoba uTafeeq Feilies ekhishwe ngekhadi elibomvu esiwombeni sokuqala.
“UKaizer ubecasuke okwangempela futhi kuyacaca umsebenzi uphelile ku-Arthur Zwane uma ubheka isimo abekuso,” kusho umthombo ocele ukungavezwa.
“Ubekuveza ukungeneliseki kwakhe ngendlela leli qembu eseliphenduke ompushana abashaywa noma ngubani.
“Ubenemibuzo nangokuzinikela kwabadlali, wakubeka kwacaca ukuthi le nkontileka esanda kusayinwa uKhama Billiat kumele inqanyulwe.”
UBilliat, obesehlale isikhathi eside engadlali, ubuyile kulo mdlalo kodwa akwangaphela nemizuzu emibili waphinde walimala.
Impempe isanda kubika ke ukuthi iChiefs ichithe izimali ezishisiwe yelapha lo mdlali ngoba isabona ezoba wusizo.
UBilliat ungene ngomzuzu ka-44 ethatha indawo ka-Ashley Du Preez obelimalile. Kodwa naye ukhishiwe ngesikhathi sekhefu esethintekile.
Ulimala nje kuvela ukuthi ubesanda kwelulelwa inkontileka ngomunye unyaka njengoba abenayo iphela ngoJuni.
Umthombo uthe usihlalo kungenzeka abuye azibambele mathupha ekusayineni abaqeqeshi nabadlali.
“Uzokhumbula ukuthi yena ubesehlehlile eqenjini ededele laba abasebasha kodwa manje uyabona ngathi bayaminza.
“Ngeke ngithuke uma kuba nguye obuyayo azolawula ukuthi kuqashwa bani futhi kuxoshwa bani kulokhu.
“Kodwa u-Arthur Zwane yena izembe liyamnukela bandla, kubi kuye,” kuchaza lo mthombo.
FUNDA NALA: UMokwena ngoMothobi Mvala: ‘Ngimkhombise uthando’
U-Arthur Zwane ke uvele usenyamanambana nakubalandeli futhi useke wabhekana nolaka lwabo njengoba babemthuka futhi bemjikijela ngemuva komdlalo weSuperSport United.
Kuzokhumbuleka ukuthi nango-2011 uKaizer Motaung Senior wasukuma wazisayinela yena abadlali nomqeqeshi futhi ngemuva kwalokho iqembu laziwola izicoco.
Ngaleso sikhathi wasayina abadlali abafana noBernard Parker, Willard Katsande, Erick Mathoho noTefo Mashamaite phakathi kwabanye.