UMokwena ngoMothobi Mvala: ‘Ngimkhombise uthando’
By Sbongs Gumbi
Umzamo kaMothobi Mvala wokukhipha ibhola ebeliyingozi ekhaya uphethe kabi ngesikhathi ibhola liyokhalakathela enethini yangakubo.
Leli goli yilo eliminzise iMamelodi Sundowns, laqeda ngamaphupho ayo okuyodlala kowamanqamu kwiCaf Champions League kulo nyaka.
Kulo mdlalo wayo neWydad Casablanca yaseMorocco iSundowns beyidinga ukunqoba, noma idlala ngokulingana kungabi nagoli.
Uma inqoba, beyizodlulela kowamanqamu, uma uphela zibambene kungekho goli, bekuzoyokhahlelwa amaphenathi.
Futhi kuke kwabukeka iSundowns izonqoba ngesikhathi isihamba phambili ngo 2-1 sekusele ngaphansi kwemizuzu eyishumi umdlalo uphele.
Kodwa kulapho ke la leli phutha likaMotobi Mvala lenzeke khona. Ubethi ukhipha umhlolo ekhaya kade kuyibhola elibekwe phansi.
Leli goli lenze lo mdlalo obuseLoftus Versfeld waphela ngo 2-2, yadlula ke iWydad ngomgomo wamagoli asekuhambeni.
Lo mphumela kucacile uzoba yisivivinyo kumqeqeshi uRulani Mokwena ukumhlola ukuthi umelana kanjani nezimo la izinto zibhimbe khona ngendlela embi kanje.
UMokwena ukhale ngamava ngemuva komdlalo, ethi kucacile ukuthi ngeke uwathenge ndawo.
Kuthe uma ebuzwa ngoMothobi Mvala nokuthi ngabe useke wakhuluma yini naye, waphendula ngendlela aziwa ngayo yezinkulumo ezinongiwe.
“Ngabe ngitheni kuMothobi, uma kukhona engikushilo kuye? Mina ezikhathini ezinjena…
“Kuba kabili, okokuqala, bathi labo abangawenzi amaphutha kungoba abenzi lutho nhlobo.
“Okwesibili, angicabanganga ukuthi ubezimisele ukuzwa izinkulumo ngalesiya sikhathi. Kodwa uluzwile uthando lomqeqeshi, lokho ngingakuqinisekisa.
“Ngisibambe ngasiqinisa isandla sakhe, ngamsondeza kimi ukumqinisekisa ukuthi akayedwa kulento.
“Mina ke ngibona lokho kubaluleke ukudlula noma yimaphi amazwi ebengingawaphimisa kuye.”
FUNDA NALA: Umngcwabo uhlehlile, iChippa United ivuke sewumbiwe umgodi
Nokho kuzodingeka lo mqeqeshi aphinde akhulume noMvala njengoba sekuhlekiswa ngaye kumanje ezinkundleni zokuxumana.
Okuxakayo wukuthi ngisho abanye abalandeli beSundowns sebemjikele, bakhala ngokuthi akakaze vele abe sezingeni laleli qembu.