ICape Town City iqede ukuqagela ngohalelwa awaseSoweto
By Njabulo Shezi
Sekuzoba nzima emaqenjini agaqele umdlali ogijima eqenjini lePSL iCape Town City njengoba leli qembu selivele lamkhuleka ngokwelula inkontileka yakhe.
Cishe beyisizwile iCape Town City ukuthi lo mdlali usephenduke inyama futhi amaqembu amakhulu ahlanganisa imali ukuze azocela isihlobo esihle ngaye.
Yingakho ke ivele yengeza eminye iminyaka emithathu kwinkontileka yakhe obekuvele kusasele iminyaka emibili kuyo.
Lokhu kusho ukuthi uKhanyisa Mayo usazohlala kuleli qembu laseKapa kuze kube ngu-2028 uma engathengwanga.
UMayo ngomunye wabadlali abebevelele kule sizini futhi uqede ebambene noPeter Shalulile ngamagoli njengoba bobabili benangu-12.
Balandelwa uMonnapule Saleng we-Orlando Pirates oshaye angu-11. Ukudlala kahle kukaMayo kumfake emabhukwini abadlali abahalelwa emaqenjini amakhulu.
Kuwo singabala iKaizer Chiefs, Orlando Pirates, Mamelodi Sundowns neSekukhune United.
Kodwa ke manje elimfunayo sekuyodingeka libeke imali ebhekile etafuleni ukuze limthole ngoba inkontileka yelulile nje.
Ngokubika kwabeSABC Sport, iCape Town City beyivele inombandela wokwelula le nkontileka yakhe ngeminyaka emibili.
Kodwa ibe seyengeza neminye emithathu kanti kuthiwa uMayo akazange acucuze kodwa uvele wayisayina ngoba usajabule kuleli qembu.
“Bawusebenzisile umbandela wokwelula futhi lokho akumele kuthuse ngoba ukusebenzele lokho uma ubheka indlela adlale ngayo.
“UJohn Comitis akaphumelele ngephutha ebholeni,” kucashunwe imenenja kaMayo uBasia Michaels esho kanje.
Nokho ithe akukaqedwa konke okwamanje futhi basazoqalaza ukuthi yini evelayo, kodwa balindele ukuthi iCitizens imgcine.
FUNDA NALA: Uzulelwa amanqe u-Arthur Zwane kwiChiefs, umphathi omkhulu akeneme
“Sizobheka ukuthi kukhonani ngokwamaqembu amfunayo kodwa ngilindele ukuthi uma singatholi lutho aqhubeke kwiCity ngoba vele ujabule kuyo.
“Udlala kahle kakhulu, namagoli uyawashaya futhi kumanje uphambili ngokushaya amagoli. Sibheke nokuthi abuyeke kwiBafana.”