Unqaba ukunconywa ngegoli lakhe uBandile Shandu odumele
Sbongs Gumbi
UBandile Shandu kumele ngabe ungomunye wabantu abahamba bakhukhumale kuleli njengamanje ngemuva kokushaya igoli lakhe lokuqala kule sizini.
Kodwa lo mdlali we-Orlando Pirates akafuni kwakunconywa ngaleli goli lakhe alishaye bebhekene neChippa United ngoLwesibili kusihlwa.
Okwenza uBandile Shandu angabi nandaba kangako ngegoli lakhe wukuthi bagcine becazelane amaphuzu neChippa lo mdlalo weDStv Premiership uphela bebambene ngo 1-1.
UBandile Shandu ulishaye ngomzuzu ka-17 igoli lakhe kanti bekubukeka lizokwelanywa yinqwaba yamanye njengoba iPirates iwaqhulula nje kule sizini.
Kodwa ligcine licishekile ngesikhathi uzakwabo obolekiswe kwiChippa uGoodman Mosele eshaya elokulinganisa ngesiwombe sesibili.
“Akuwona umphumela ebesiwufuna lona, besifuna ukuqhubeka nomgqigqo wokunqoba,” kuchaza uShandu ngemuva komdlalo.
“Kodwa ke nephuzu siyalamukela futhi sizoqhubeka nokulwa sibheke phambili.
“Okuhle wukuthi sisabambisene, sihlangene. Ngakho sizikwakhela kulokhu bese sibheka phambili emdlalweni olandelayo.”
IPirates beyiye kulo mdlalo ithwelwe ngeqoma, abanye bezwela iChippa ngoba bebona izobola yinduku.
Phela iPirates beyikade idlale kahle emidlalweni emibili eyandulela lona njengoba beyishaye amagoli ayisishiyagalolunye.
Yashaya iRoyal AM ngo 4-2 emdlalweni weligi, yabe seyibhabhadisa iSekhukhune United ngo 5-0 koweMTN8 ngempelasonto edlule.
Ebuzwa ngegoli lakhe, uShandu akafunanga ukuba athathwe njengeqhawe kodwa wathi beliwumphumela womsebenzi weqembu lilonke.
“Leliya goli beliwumphumela womsebenzi weqembu lonke, kusukela ekwakhekeni kwalo nakho konke okunye…
“Kumele kunconywe iqembu lonke, kube yigoli elihle elivele ngenxa yomnyakazo omuhle weqembu.”
FUNDA NALA: IKaizer Chiefs isimhlabe ngesithende uBimenyimana
IPirates izoke ime emidlalweni yeligi kule mpelasonto njengoba ilibangise eComoros la iyodlala khona neDjabal kwiCaf Champions League.