Lisalenga izembe kuZwane, iKaizer Chiefs iqalile ibheka omunye
Sbongs Gumbi
U-Arthur Zwane usecushiswe ngasemnyango kwiKaizer Chiefs ukwenzela ukuthi uma izinto zingajiki, asheshe aphume.
IKaizer Chiefs ayibanga nesizini embi, kodwa abaphathi kuvela ukuthi kukhona abangeneme ngakho okwenze bambekela imibandela.
Kuvela ukuthi uma indlela iqembu elidlala ngayo iqhubeka nokungagculisi nangesizini ezayo, uMangethe kuzomele ashenxe.
Lezi zindaba zivela ngomthombo kulandela umbiko wabeSABC Sport oveza ukuthi leli qembu seliqale izingxoxo nabaphethe umqeqeshi weYoung Africans yaseTanzania.
Lo mqeqeshi, uNasreddine Nabi, kuvela ukuthi uphelelwa yinkontileka kwiYanga ngoJulayi kanti kungenzeka abe eseza kuleli ezocija Amakhosi.
Kodwa lo mbiko uthi engashiya phansi kwamanje uma kuvela omunye umsebenzi ngoba vele iYoung Africans ayikaziqali izingxoxo zokuvuselela.
“Njengoba ngangishilo, usaphephile ‘okwamanje’. Lokho akusho ukuthi konke kuhamba kahle,” kusho umthombo weMpempe.
“Khona anginalo ulwazi olugcwele kodwa ngathi kukhona imibandela abekelwa yona futhi uzobe egadiwe ukuthi uyayifeza yini.
“Wawushubile lowa mhlangano futhi abaphathi babehlukene phakathi ngokumeseka kwabo.
“Okwamsiza wukuthi uJunior (Kaizer Junior) noJessica basamethemba ngakho bamvikela kokunye, kwagcinwa kwelokuthi aqhubeke.
“Kodwa ke usihlalo (uKaizer Motaung) wayengenelisekile neze. Ngeke ngithuke uma kuyiqiniso ukuthi sekukhona omunye umqeqeshi abaxoxa naye,” kusho lo mthombo.
Uveze nokuthi eyabadlali abasha eqenjini ayikhulunyelwa eziko kulokhu njengoba abaphathi befuna ukuqeda konke bese bememezela.
“Khona bakhona abadlali asebesayiniwe kodwa amagama anginawo okwamanje ngoba abadedeli lutho laba bantu kulokhu.”
FUNDA NALA: Kudume izulu lezandla kuwashiswa Umsinga United ijezi
Kubadlali iKaizer Chiefs okuthiwa seyibasayinile vele kukhona uMduduzi Mdantsane, Given Msimango noThatayaone Dithlokwe.