Sixoxe nabagijimi abane ababhekiwe kwiComrades Marathon
Alfred Ngubane
Yize bebaningi abagijimi ababhekiwe ekudleni isicoco kwiComrades Marathon ngeSonto ekuseni, kukhona labo abayizimfivilithi.
Lapha sibheka abane esixoxe nabo ngalo mjaho nokuthi babhekeni kuwo kulokhu njengoba sebevele bake bawunqoba nje.
UTete Dijana obe ngumpetha kwiComrade Marathon nyakenye, uthi wanqoba lo mjaho ngoba engaziwa munti kodwa manje abantu sebayamazi futhi amehlo azobe ebheke kuye.
“Lokho kwenze ukuthi ngisebenze ngokuphindiwe ukuze ngibe nethuba lokuvikela isicoco sami. Ngifuna ukubuya naso… Ngizobuya naso lesi sicoco.
“Nasekhaya ngishiye ngibikile ngoba phela njengomuntu wesiko konke engikwenzayo kumele ngibazise abadala abangasekho.”
Ucabanga ukuthi bamzwile abakubo abangasekho njengoba bamkhipha ekubeni ngumantshingeyana bamenza umuntu, bamupha indlela ekhanyayo kusho uDijana .
UBongumusa Mthembu, osenqobe iComrades Marathon amahlandla amathathu wangena amahlandla ayishiyagombili kwabayishumi bokuqala, uthi ngeSonto uzoguqula amatafula njengoba amalungiselelo ehambe kahle kakhulu.
UMthembu ungomunye wabasubathi abadala nabanamava kwiComrades Marathon futhi kusemthanjeni yenhliziyo yakhe ukusubatha kulo mjaho.
“Kusemithanjeni yenhliziyo yami ukugijima kulo mjaho ongomkhulukazi emhlabeni jikelele futhi ogijinywa ngabasubathi abaphambili,” kusho uMthembu ocijwa nguThuso Mosia.
U-Edward Mothibi, owanqoba iComrades Marathon ka-2019 uthi ukunqoba lo mjaho kwayijika kakhulu implo yakhe.
“Impilo ijike kakhulu ngemuva kokunqoba iComrades. Yingakho ke nje ngikulambele ukuyiphinda kulokhu njengoba ingigejile ngonyaka odlule.
“Ngizosebenza kanzima ngokuphindiwe kulokhu ukubuyisa lesi sicoco,” kusho uMothibi ungumholi weNedbank Running Club eNorth West.
Uthi iqembu labo liqine ngokwanele ukuzoncintisana nabanye abasubathi abaqhamuka kuwowonke umhlaba.
UGerda Steyn yena uthi akazile ngomcabango wabantu ukuthi uzokuphula irekhodi elimile elashiywa nguFrith Van Der Merwe ngonyaka ka-1989 lika 05:54:43.
Kodwa uzogxila kakhulu emjahweni wakhe azilungiselele wona. Naye uveze ukuthi iComrades Marathon yashintsha implo yakhe ngayo yonke indlela njengoba ekhuze ibuya kulo mjaho. Ubengekho ngonyaka odlule. Le ntokazi izodlana imilala no-Alexander Morozova, Adele Broodryk, Anne Ashworth, Dominika Stelmach noGalaletsang Mekgoe.
FUNDA NALA: Lisalenga izembe kuZwane, iKaizer Chiefs iqalile ibheka omunye
Lo mjaho uzoqala ngo-5.30 ekuseni eHholo loMphakathi eMgumgundlovu ngeSonto bese uphelela eKings Park Stadium, eThekwini.