Ingase igingqe iPirates kwiNedbank Cup
IPremier Soccer League isiziqinisekisile izinsuku nezinkundla okuzodlalelwa kuzo umzuliswano wokuqala weNedbank Cup.
Kodwa njengoba nangesikhathi kuqhathwa azodlala kwiNedbank Cup emasontweni ambalwa edlule i-Orlando Pirates yayingenayo imbangi, namanje kusenjalo.
IPirates yaqhathwa neqembu elidlala ezigabeni zeSafa eMpumalanga kodwa elalingakaqinisekiswa ukuthi yiliphi.
Kuvela ukuthi kunombango phakathi kweMiddleburg United edlala kwi-ABC Motsepe League, neLake City edlala kwiHollywoodbets Regional League.
Ngokubika kweFAR Post, udaba lwalo mbango kulindeleke luphothulwe khona namuhla ngoLwesine.
Kuthiwa luzohlalelwa yisigungu seSafa esixazulula amacala kanti iqembu elizonqoba lapho yilo elizobhekana nePirates.
Lo mdlalo wePirates ubekelwe ukuthi ube seMbombela Stadium ngoFebhuwari 24.
Nokho ngokuthola kweMpempe, uma kungaphumelelanga iMiddleburg United kulesi sigungu, icala alikezukuphela.
Kuthiwa leli qembu lisazimisele ukuludlulisela phambili udaba – liye nasenkantolo uma kuwukuthi kufanele kanjalo.
Uma lokho kwenzeka futhi kuze kushaye isikhathi sosuku lomdlalo, iPirates iyobe seyigingqa bese idlulela emzuliswaneni olandelayo.
Lokhu kuvezwe wumthombo osondelene nePSL, othe ngenxa yokuthothelana kwemidlalo, awukho umdlalo ozohlehliswa.
“Sekuyophoqa ukuthi ifike enkundleni iqingqe phela uma kuwukuthi ligcina lingaphumanga iqembu ezodlala nalo.
“Kodwa okwamanje isifiso wukuthi ligcine liphumile ukuthi kungathunazeki igama labaxhasi,” kusho lo mthombo.
FUNDA NALA: Ezimnandi ezivela kwiKaizer Chiefs ngonozinti
Siye koshicilela kungakabi bikho oluphuma kwiSafa ngokuhlala kwesigungu sayo esixazulula amacala.

