EzakamuvaIbhola

Uphahlukile wahleka uGavin Hunt kudilizwa uZwane esikhundleni

Alfred Ngubane

Umqeqeshi weSuper Sport United uGavin Hunt usphahlukile ebhala kwiTwitter ngemuva kancane kokuvela kwezindaba zojudilizwa kuka-Arthur Zwane esikhundleni kwiKaizer Chiefs. 

Lo mqeqeshi ubesebenza kwiChiefs noZwane kodwa waxoshwa kungazelele muntu. Impempe ike yabika phambilini ukuthi uZwane waba nesandla kulokho. 

Mhlawumbe yikho lokho okwenze uGavin Hunt ahlukele wukuzibamba abhale kwiTwitter afake ama-emoji omuntu ohlekayo bese ephelezela ngombhalo othi: ‘ya’. Buka isithombe ngezansi. 

Kodw aubuye washeshe wakucisha lokhu lo mqeqeshi, kodwa ke thina bese sikwazile ukukugcina njengobufakazi. 

Lo mbhalo kaGavin Hunt ukhomba ngokusobala ukuthi ukuhambakwakhe kwiChiefs  akubanga kuhle futhi uMangethe waba nesandla  semfene kukho. 

Lokhu kwavela ngesikhathi uGavin Hunt ejabula sengathi uwine iligi kade eqeda ukushaya iChiefs emdlalweni la kwasuka khona udlame abalandeli bejikijela uZwane. 

Nangesikhathi kuqeqesha uStuart Baxter bekulokhu kuvela ukuthi uZwane unokuzama ukumdicilela phansi. 

FUNDA NALA: Unikwe uMolefi Ntseki owokucija iChiefs, uZwane usakhona

Naye uBaxter wagcina ekhonjwe indlela kwabe sekuqashwa uZwane. Isizini yakhe yokuqala iphele sekunzima abalandeli bemthuka. 

Yingakho ke egcine ebuyiselwe ekubeni yiphini, kwathathwa uMolefi Ntseki ukuthi abe ngumqeqeshi kusukela manje.