URulani Mokwena uveza okwenza uMbule adlale ingcwenga yebhola
By Sihle Ngubo
URulani Mokwena uthi ufaka isikhathi esiningi ekuphuculeni abadlali bakhe kwiMamelodi Sundowns futhi imiphumela seyiyabonakala.
Ukuveze lokhu ngesikhathi ebuzwa ngebhola elihle elidlalwa uSipho Mbule muva nje, ikakhulukazi kwiCaf Champions League.
UMbule udlale kahle kakhulu ngesikhathi iSundowns ibambana neWydad Athletic eMorocco ngempelasonto edlule.
Umdlalo womlenze wesibili uzoba seLoftus Versfeld Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. ISundowns kulindeleke iwine kulo mdlalo, idlulele kowamanqamu.
UMbule uzobe elindeleke aphindeabe yinjini yeSundowns kulo mdlalo ozoba nzima kwazise iWydad izobe ibheke ukungahlulwa.
“Endabeni kaSipho Mbule, ngijabule kakhulu,” kusho uRulani Mokwena. UMbule kuke kwavela ukuthi akaziphethe kahle kwiSundowns.
Kube nemibiko eyayiveza ukuthi uke wafika ejimini ebuhlabile kodwa kubukeka lokho sekudlulile.
“Ngizinike isikhathi sokumphucula futhi ngifaka isikhathi sami esiningi kuye nakwabanye abadlali bami.”
URulani Mokwena uphinde waphawula nango-Aubrey Modiba naye odlala kahle kwiSundowns kule sizini.
“UModiba ubezicindezela nje uma ethi ube nemidlalo emihle nemibi. Uyazi ukuthi uma kungahambi kahle sonke sikhona ukumeseka.
FUNDA NALA: Ishodelwa abadlali iKaizer Chiefs, noZwane uzobe engekho kowokugcina
“Angakuvezanga ukuthi kunezikhathi la edlale khona ngendlela emangalisayo futhi wasisiza kukubi.
“Hhayi ngokusakhela amathuba nje kuphela, kodwa nangokwenza sikwazi ukugcina ibhola.
“Kukhona izinto esikwazi ukuzenza kuphela uma kukhona uModiba enkundleni,” kuchaza lo mqeqeshi.