EzakamuvaIbhola

Unikwe uMolefi Ntseki owokucija iChiefs, uZwane usakhona 

Sihle Ngubo

IKaizer Chiefs imangaze abaningi imemezela ukuthi isiqashe uMolefi Ntseki njengomqeqeshi wayo omusha ngoLwesithathu ntambama.

Lolu shintsho ebhentshini leChiefs luchaza ukuthi uMolefi Ntseki uyena osezoba yinhloko yabaqeqeshi eqenjini elikhulu kanti u-Arthur Zwane uzobuyela ekubeni yiphini noDillon Sheppard.

“Sithanda ukubongela umqeqeqeshi uNtseki, bese simbonge ngokuvuma ukuthatha le nselelo engaka.

“Siyazi umsebenzi ongelula lona kodwa sikholwa wukuthi amava akhe nolwazi kuzosisiza ukuthi sithuthuke bese sifeza izinhloso zethu kwiKaizer Chiefs,” kusho usihlalo weChiefs uKaizer Motaung.

“Usebe nathi lapha iminyaka emibili esebenza kahle nabaqeqeshi u-Arthur noDillon njengenhloko yethimba labaqeqeshi. Manje usezosebenza nabo esesikhundleni esihlukile.”

Ngaphambi kokuthi aqokelwe lesi sikhundla uNtseki ubeyinhloko yeTechnical and Youth Development yeKaizer Chiefs. 

Unamava aziwayo ambandakanya ukubamba njengomqeqeshi weqembu  lesizwe  iBafana Bafana, ukuba yiphi kuyona nokuqeqesha izinkulisa zamaqembu esizwe. 

“Sesikubheke ngabomvu ukuthi umqeqeqeshi uNtseki asichathazele amava akhe nokuqinisekisa ukuthi kunozinzo eqenjini sibe sithuthuka. Sizomeseka ngakho konke akudingayo,” kwengeza uMotaung.

UMolefi Ntseki uyamukele inselelo ayiphonselwe wathi: “Ngiyawemukela lo mthwalo engiwunikwe usihlalo yibhodi neqembu lonke. 

“Ngiyababonga kakhulu ngokungethemba nokukholelwa kimina ukuthi ngibe ukaputeni womkhumbi.

FUNDA NALA: Ushaywa ngomzimba uHappy Jele kwiRoyal AM

“Ngikulungele futhi ngikubhekile ukusebenza nabo bonke abayingxenye yeqembu ethimbeni labaqeqeshi ukuze silethe injabulo kwizigidi zabalandeli baMakhosi emhlabeni wonke.”

Khonamanjalo iChiefs isiqashe owayengumqeqeshi wonozinti uRainer Dinkelacker njengomeluleli ethimbeni lonozinti. Uzosebenza nabaqeqeshi bonozinti ngesizini ezayo.