IFifa isikhiphe ujuqu kwiRoyal AM ngolukaNurkovic – umbiko
Intatheli yeMpempe
IFifa, okuyinhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, seyigwebe iRoyal AM ngokuyivala ukusayina abadlali, kubika iSABC Sport.
Lesi sinqumo siza ngemuva kokuthi leli qembu lePremier Soccer League lihlulekile ukukhokha u-R12-million eliwukweletwa umgadli uSamir Nurkovic.
UNurkovic unqanyulwe inkontileka yakhe neRoyal AM, wabe esethatha izinyathelo zomthetho ngokuxoshwa kwakhe kungafanele.
Ngesonto eledlule, ummeli kaNurkovic, uDavor Lazic, ufake isicelo kwiFifa sokuthi idedele unswinyo olunzima kwiRoyal AM.
Lo mgadli odabuka eSerbia ujoyine iRoyal AM emthole mahhala njengoba ebechithwe yiKaizer Chiefs.
Usayine inkontileka yeminyaka emibili kwiRoyal AM, kodwa le nkontileka yakhe yanqanyulwa kusaphele izinyanga ezintathu.
Kwabe sekuthiwa uhlulekile ukufeza izibopho zakhe njengomdlali. Ummeli weRoyal AM, uLeruma Thobejane, wagcizelela ukuthi uNurkovic waxoshwa ngoba efike kanye kuphela emsebenzini.
Wathi ukudlala kwakhe kwiMacufe Cup akusho lutho ngoba le ndebe ifana nomdlalo wokungcwekisana.
Uthi futhi lokhu kwenzeka ngaphabi kokuthi anikwe incwadi emxwayisayo ukuthi esikhathini esingangenyanga uzoxoshwa.
Nokho, ngemuva kwezinyanga zokuqulwa kwaleli cala, iFifa yavuna uNurkovic, yayalela iRoyal AM ukuthi ikhokhele lo mdlali isinxephezelo sika-R12-million.
Lokhu kufaka izimali zabammeli, ezezindleko zecala nenzalo yakho. Eziphendulela ngesinqumo seFifa, uThobejane umemezele ukuthi leli qembu lizosiphikisa eCourt of Arbitration for Sport (Cas), lesi sinqumo.
Wathi isinqumo seFifa iyenzelela futhi sisekelwe kuphela kokwashiwo nguNurkovic, elabo uhlangothi alwangathathwa.
IFifa manje isithumele incwadi kwiSouth African Football Association (Safa) iyiyalela ukuthi ivale ukubhaliswa kwabadlalikwiRoyal AM ezingeni likazwelonke, kusukela ngoMsombuluko, kaJulayi 3.
FUNDA NALA: Umdlali wokuqala ofunwa uSteve Komphela kwiSwallows
Lokhu kuvalwa ukusayina abadlali kuzoqhubeka kuze kube iRoyal AM ikhokha lo R12-million ngokugcwele.
Lesi sijeziso seFifa sizoyilimaza kakhulu iRoyal AM, ephethwe ngusomabhizinisi owaziwayo uShauwn Mkhize.