EzakamuvaIbhola

Ufuna ukulanda izihlabani ezimbili zeSundowns uPitso Mosimane

Njabulo Shezi

UPitso Mosimane kubikwa ukuthi kunabadlali ababili beMamelodi Sundowns abafuna eqenjini lakhe elisha i-Al Wahda. 

Lo mqeqeshi ozakhele igama kuyo iSundowns, ujoyine leli qembu lase-United Arab Emirates emasontweni ambalwa edlule kulandela ukushiya kwi-Al Ahli Saudi yaseSaudi Arabia.

Nguye obecija leli qembu ngesizini edlule futhi wakwazi ukulibuyisela esigabeni esiphezulu iSaudi Pro League

Kodwa noa kunjalo, le kilabhu, okusamele imemezele umqeqeshi omusha, ibonakala yabe seyomchitha kanti kumanje imataniswa noJose Mourinho noMassimiliano Allegri.

Ngemuva kokushiya eSaudi Arabia, uMosimane wajoyina i-Al Wahda yase-UAE kanti into abekelwe yona kule kilabhu wukuthi alinqobise isicoco salo sokuqala seligi njengoba lasigcina ngo-2009/10.

Ngenxa yalokho, udinga ukuqinisa iqembu futhi i-Al Wahda imemezele abadlali abane abasha ngempelasonto.

Nokho uPitso Mosimane kuthiwa ucele ukwengeza ngabadlali ababili beSundowns ngokusho kwe-UAE Sport News

Ngeke kube lula, nokho, ngoba uzisikele kwelinonile nakuyo iSundowns njengoba efuna uGaston Sirino noPeter Shalulile. 

Okunye okuzokwenza kube nzima ukubathola wukuthi izinkontileka zabo bobabili kwiSundowns ziyoze ziphele ngoJuni 2025.

Ngaphezu kwalokho, ubudlelwane bakhe uPitso Mosimane neSundowns abubuhle neze njengoba yamlandelisa ngezinsolo zokweqa nemali ngesikhathi eshiya kuyo. 

Bekungekhona ke okokuqala uMosimane ezama ukuyenga uSirino, amkhiphe eChloorkop njengoba lo mdlali wase-Uruguay eke wamfuna esekwi-Al Ahly ngo-2021. 

Bavele ke kodwa bayinyama abadlali beSundowns njengoba noShalulile esanda kumataniswa nelaseSaudi Arabia. 

UThemba ‘Mshishi’ Zwane noThapelo Morena nabo kuvela ukuthi bayafuneka emaqenjini athile aseSaudi Arabia. 

FUNDA NALA: IFifa isikhiphe ujuqu kwiRoyal AM ngolukaNurkovic – umbiko

Kuzobonakala ukuthi kukhona yini okunye ngale mibiko yokuqala, njengoba uPitso Mosimane nezakhe beseSerbia ekhempini yokulungiselela isizini.

Ngemuva kwale khempu, i-Al Wahda izobhekana neKuwait SC ngoJulayi 28 kwi-Arab Club Champions Cup, eyaziwa nangokuthi yiKing Salman Cup.