EzakamuvaIbhola

Umdlali wokuqala ofunwa uSteve Komphela kwiSwallows

Njabulo Shezi

Sekuvele ukuthi uSteve Komphela usebatshelile abaphathi beSwallows FC asanda kuqashwa kuye ngomdlali afuna ukuqinisa ngaye. 

UKomphela ujoyine iSwallows kungazelele muntu ngempelasonto, eshiya kwiMamelodi Sundowns la abeyiphini lomqeqeshi khona.

Unique lo msebenzi weSwallows wabe esebekelwa umgomo wokuthi avuse leli qembu liphinde libe ngelilwela izindebe ebholeni lakuleli. 

Manje sekuvela ukuthi uSteve Komphela uthe ukuze wenzeke lo msebenzi, uzodinga u-Andile Jali eduze kwakhe.

Kuzokhumbuleka ke ukuthi uJali noKomphela bebezwana bekwiSundonws futhi bebizana ngoyise nendodana.  

Ngokubika kwabeSABC Sport, iSwallows ivule izingxoxo ezisemthethweni zokusayinisa uJali. Lo mdlali ufake isithombe sephasiphothi nethikithi lendiza eliveza ukuthi usuka eThekwini uya eGoli. 

Kuvele ke kubhekwe ngabomvu ukuthi uzophelelaphi lo mdlali onamava. I-Orlando Pirates abemataniswa nayo kuthiwa imchithile. 

UJali uzotholakala mahhala ngemuva kokushiya iSundowns ezinyangeni ezimbili ezedlule futhi ubelokhu eqagelisa abalandeli ngokuthi uyaphi. 

Kodwa manje sekucishe kucace ukuthi uzobe esidovola eDobsonville Stadium ngaphansi kukaSteve Komphela nethimba lakhe. 

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-56 angase nguye ozosiza iSwallows ukuthi isayine uJali njengoba ubudlelwano babo bubuhle nje. 

Uma iSwallows igcina ngokumthola uJali, kuyobe ihlabene kwazise unamava futhi ke bambalwa abasezingeni lakhe kuleli. 

Uqale ukuzibonakalisa kwiPirates emionyakeni eminingi edlule. Wabe esedlulela phesheya eBelgium la adlale khona kwiKV Oostende. 

Ekubuyeni kwakhe eminyakeni emine edlule ube esejoyina iSundowns le ahambe kuyo kungasekuhle njengoba exoshwe kusele inyanga inkontileka iphele. 

FUNDA NALA: Ube buhlungu uZakhele Lepasa evalelisa kwiSuperSport

Nokho kusengenzeka ke nokuthi uJali ubedlula nje eGoli njengoba imemenja yakhe uMike Makaab ike yakuveza ukuthi kukhona amaqembu angaphandle kwakuleli amhalelayo.