Ezakamuva

Akwaziwa ubheke kuphi u-Ben 10 oshiya iDowns

SIHLE NGUBO

Ezivela eChloorkop zithi uBongani “Ben 10” Zungu uyayishiya iMamelodi Sundowns.

Lo mdlali, oke wathi qu phesheya kwezilwandle, kuvela ukuthi ngeke esabonakala egqoke imibala yaBafana Ba’Style ngesizini ezayo, ngoba sebevumelene ‘ngesehlukaniso’ neqembu. Akwaziwa nokho ukuthi ulibangisa kuphi lo mdlali, nokuthi yini le eyenza angabe esaqhubeka nokudlala kwiSundowns.

UZungu unyamanambana kwabanye abalandeli bebhola eNingizimu Afrika, kulandela isigameko lapho kwaphuka khona uBernard Parker, weTS Galaxy, emdlalweni weCarling Cup Knockout, ngoNovemba nyakenye.

Kube nokukhuluma okukhulu ngokuthi lo mdlali wayeqondile ukwenza lokhu, nokuthi akazange axolise kuParker ngemuva kwalesi sigameko. Indaba iqhubekile uZungu esedlaliswa kabi umdlali weTS Galaxy emdlalweni weDStv Premiership.

UZungu wakhishwa ngohlaka wangabe esabuyela enkundleni kulandela ukudlaliswa kabi u-Orebotse Mongai weTS Galaxy, emdlalweni weDStv Premiership, eLoftus Stadium, ePitoli.

Ngemuva komdlalo uMokwena wayedinwe egane unwabu, walibeka ngembaba elokuthi uZungu ulinyazwe ngenhloso yokuphindisela.

“Ngiphoxekile ngokudlaliswa kabi kukaBongani Zungu,” kusho uMokwena.

“Izolo ebusuku ngitshelwe ukuthi umqeqeshi weqembu ebesidlala nalo ukhombise abadlali bakhe ividiyo yokulimala kukaParker wathi ‘ningakhohlwa ukuthi kwenzekani kuParker.”

Inkulumo kaMokwena ayehlanga kahle kwiTS Galaxy efake icala, elisaqhubeka enkantolo. Bafuna uMokwena achaze ukuthi wayekuthathaphi lokhu ayekusho.