‘Angazi,’ kusho uTshegofatso Mabasa ngekusasa kwiBucs
Njabulo Shezi
UTshegofatso Mabasa uthi engakujabulela ukuphinde asebenze nomqeqeshi weMoroka Swallows, uSteve Komphela, nakuba lo mgadli engenasiqiniseko sokuthi uzojoyina leli qembu.
Iqembu likaTshegofatso Mabasa, i-Orlando Pirates likuqinisekisile ngeledlule ukuthi “lisezingxoxweni” neSwallows ngesivumelwano sokuboyiboleka yena.
Nokho lezi zingxoxo kulindeleke ziqedelwe kahle kuleli viki njengoba sekkuphothulwe iCosafa Cup abedlala kuyo uMabasa.
Lo mgadli owake wagijima kwiBloemfontein Celtic ubebolekiswe kwiSekhukhune United ngesizini edlule ngenhloso yokuthi athole ithuba lokudlala njalo.
Kodwa ke akuhambanga ngendlela abefisa ngayo njengoba ebebuye elizwe ngendaba ijezi kuleli qembu elicijwa uBrandon Truter.
“Okwamanje akukho engingakusho, ngibuyela eGoli ngiyohlala phansi nemenenja yami,” kusho uTshegofatso Mabasa ngesikhathi ebuzwa ngeSwallows.
“Sizobona ukuthi yikuphi esinakho etafuleni bese sithatha izinqumo kusukela lapho.”
Uma kwenzeka eya kwiSwallows, uMabasa uthi uzokujabulela ukuphinde asebenze noKomphela, ngemuva kokumqeqesha isikhashana kwiCeltic ngesizini ka-2018/19 ngaphambi kokujoyina iPirates ekupheleni kwayo.
“Ngiyamthanda umqeqeshi uSteve,” kusho uMabasa. “Ungomunye wabaqeqeshi abahamba phambili kuleli.
“Yebo, abantu bayamgxeka ngokunganqobi izindebe nokuthi yini ayenzile ngaphambili (njengomqeqeshi), kodwa ungomunye wabaqeqeshi abaphambili.
“Bangaki abadlali abavelele ngemuva kokuvundululwa futhi bacijwe nguye futhi baqhubeke nokwenza kahle?
“Nakanjani kuzoba yithuba elihle ukuphinde ngisebenzisane naye futhi.”
Ebuzwa ukuthi ngabe usenalo yini ikusasa kwiPirates, uTshegofatso Mabasa uthe akanaso isiqiniseko.
“Njengoba ngishilo, ngingahamba ngiyothatha isinqumo uma sengibuyele eJozi ngahlangana nemenenja yami. Okwamanje angazi lutho.”
FUNDA NALA: Iyozizwa amandla ngaphandle kwakuleli iKaizer Chiefs
Kumasizini amathathu agcwele kwiPirates, uMabasa usedlale imidlalo engu-65, washaya amagoli angu-22 kuyo yonke imiqhudelwano. Unqobe iMTN8 ngesizini ka-2020/21.