EzakamuvaIbhola

Usekhathele ukumunyunga iqhwa ebhentshini owaMaZulu

Kuvela ukuthi omunye wabadlali abanamava kuMaZulu FC, uGeorge Maluleke akaseneme ngesimo sakhe kuleli qembu leDStv Premiership.

UMaluleke ulizwa ngendaba kuhle komshado kanina ijezi Osuthwini kusukela kwafika umqeqeshi waseSpain, uPablo Martin.

Impempe ihoshe lezi zindaba komunye wabasondelene nalo mdlali othe yinto angayifihli ukuthi usekhathele yena ukukhuhla ibhentshi. 

Lo mthombo – ocele singawudaluli – uthe okukhathaza uMaluleke wukuthi akalimele ndawo futhi akazi kushodaphi njengoba engadlaliswa.

“Sinzima lesi simo futhi ke yena okokuqala ebhekene naso njengoba emaqenjini abekuwo phambilini ubedlala.

“Kube kwiMamelodi Sundowns nje la eke wangalithola khona ijezi nokuyinto eyenza kwaba lula kuye ukushiya kuleli qembu.

“Namanje ubheka iminyaka yakhe nokuthi kumele ngabe udlala njalo uma engalimele,”  kusho lo mthombo.

UMaluleke ubanga ijezi noBen Motswari, Celimpilo Ngema, Abubaker Mobara no-Ethan Brooks kuMaZulu. 

Lo mdlali, owazakhela igama kwiKaizer Chiefs, Ajax Cape Town, SuperSport United neSundowns, usand akujoyina inyunyana yabadlali.

Uqokwe njengonobhala wale nyunyana ebizwa ngeSouth African Football Players’ Union (Safpu). 

UMaluleke waba ngundaba mlonyeni ngesikhathi eshiya isigubhukane  iChiefs ngesikhathi kumele inqobe isicoco seDStv Premiership eminyakeni embalwa edlule.

Waqoma ukulishiya leli qembu, wajoyina iSundowns nangadlalanga kuyona njengoba nakhona ubeziququdela iqwha nje. 

Ngemuva kokubhinjelwa yizinto kuSundowns, uMaluleke usinde kuMazulu la abengumdlali ophambili kumasizini amabili edlule. 

Umthombo uthe yize engeneme, kodwa uyaqhubeka nokuzicija ngokuzimisela ngethemba lokuthi umqeqeshi uzogcina emsebenzisile. 

AmaZulu azobuyela enkundleni ngoFebhuwari 13 eseyobhekana neStellenbosch emdlalweni weligi ekuhambeni.