OweBafana neseluleko esibalulekile ngoMofokeng weBucs
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, usekhiphe iseluleko athi singamsiza umdlali we-Orlando Pirates, uRelebogile Mofokeng akhule kahle.
Wenze isibonelo ngoCassius Mailula obedlala kwiMamelodi wabe esedayiselwa iqembu elidlala kwiUS Major League Soccer, iToronto FC.
UBroos uthi wameluleka lo mdlali ngokuthi angajahi ukuya phesheya, ahlale isizini eyodwa kwiSundowns.
Lokhu kwakuzomsiza ukuthi athole amava ebhola lamazwe ngamazwe ngokudlala kwiCaf Champions League nakwiBafana Bafana.
UMailula ufike wakuthola kunzima ukungena eqenjini eliqala imidlalo kwiToronto okwenza agcine ekhishiwe kwiBafana.
Nokho useqalile ukudlala muva nje, futhi njengoba namagoli esewashaya kungenzeka abuyiswe.
“Ngasho okufanayo nangoMailula,” kusho uBroos uma ebuzwa ngohlelo lwakhe ngoMofokeng eqenjini lesizwe.
“Akusona isikhathi esifanele lesi sokuya phesheya kwezilwandle. Akanaso isipiliyoni sezinga lamazwe ngamazwe, lutho
“Ngakho-ke engikushilo ngoMailula, ngiyakuphinda manje nangoMofokeng, ‘Hlala kwiPirates udlale enye indondo lapha eNingizimu Afrika- ngemidlalo yeChampions League mhlawumbe, ngethemba, futhi angaba umdlali ongcono’.”
“Uyabona ukuthi kwenzekeni ngoMailula. Ufike kwiToronto kukhona abadlali ababili base-Italy ababedlalela emaqenjini amakhulu e-Europe.
“Uzokwenzani (umqeqeshi) ngomfana omncane waseNingizimu Afrika?
“Udlale umdlalo owodwa ezinyangeni ezimbili ezedlule. Ufundani lapho?,” kwengeza lo mqeqeshi.
“Kufanele (uMofokeng) anqume ukuthi yini ebalulekile kumdlali, hhayi ukuthi yini ebalulekile kuye.
FUNDA NALA: UHugo Broos ucacisa eyokusala kukaMabasa kwiBafana
“Ngakho-ke, ake sibone ukuthi kwenzekani. Kodwa ngiyethemba ukuthi uzohlala kwiPirates, adlale enye isizini.”
IBafana Bafana izodlala neNigeria ngoJuni 7, bese ibuyela ekhaya izobhekana neZimbabwe ekhaya la uMofokeng angase athole khona ithuba ngokusho kukaBroos.