EzakamuvaIbhola

IChippa isakha, kusho uMammila ngemuva kokubanjwa yiGalaxy

Sbongs Gumbi

UMorgan Mammila usale ekhala ngamathuba angasetshenziswanga ngesikhathi iChippa Unuted idlala ngokulingana okwesibili kulandelana ngoLwesithathu kusihlwa.

IChippa iqale umkhankaso wayo weDStv Premiership idlala kahle ngesikhathi ibhekene nezinkunzi zaseSoweto iKaizer Chiefs eMoses Mabhida Stadium ngempelasonto edlule.

Kodwa ngaphezu kokwakha amathuba athembisayo kulowo mdlalo, ayikwazanga ukuthola umphumela eyayiwufisa. 

Bahlukaniselana amaphuzu ngemuva kokudlala ngokulingana kungekho noshaye igoli.

Lo mqeqeshi kufanele ukuthi ubelindele umphumela ongcono esekhaya bebhekene neTS Galaxy ngoLwesithathu ebusuku, kodwa akwenzekanga.

“Namuhla besifuna ukudlala ngendlela ehlukile,” kusho uMamilla ngemuva kokuthi umdlalo obuseNelson Mandela Bay Stadium uphele zibambene kungekho goli.

“Besifuna ukudlalela engxenyeni yabo ngoba besifuna amagoli kwazise sidlalela ekhaya.

“Besingafuni ukugxila kakhulu ekuphatheni ibhola. Sikwenzile lokho emizuzwini engu-20 yokuqala futhi bekufanele ngabe sishaye igoli elilodwa noma amabili.”

UMammila uthe iqembu iChippa ngeke ihlale emuva kunoma yimuphi umdlalo kule sizini. 

“Bawakhile nabo amathuba ngenxa yendlela esidlala ngayo. Kuyingozi kakhulu (ukuvuleleka kwethu) kodwa sizodlala kanjalo nje.

“Sisezinhlelweni zokwakha. Kodwa ngiyababonga kubafana bami. Badlale kahle futhi kuzolunga ngokuhamba kwesikhathi… 

“Uma siqhubeka nokungangenelwa goli, sizogcina siwathola amagoli (bese siwine nemidlalo).”

Ube esebuzwa ukuthi ngabe uzokwengeza yini ngabanye abadlali ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoSepthemba 15. 

UMammila uthe lokho kuzokwenzeka kuphela uma bethola abadlali abasezingeni abalifunayo.

“Inqobo nje uma iwindi lisavuliwe, sisangamthola oyedwa noma ababili lapho sibona sengathi sibadinga khona. Sizosayina uma sithola esikufunayo.

“Uzokhumbula ukuthi okubalulekile wukuthola lokho ongenakho eqenjini futhi sikhetha kakhulu ukuthi sithola bani. Kodwa ngicabanga ukuthi sizokuthola esikufunayo.”

FUNDA NALA: Alumelile amazwi kaRulani Mokwena abukela phansi iChiefs

IChippa ayidlali kule mpelasonto kanti umdlalo wayo olandelayo ungoLwesibili, womhla ka-15 Agasti ekuhambeni ne-Orlando Pirates. Le mpelasonto eyemidlalo yeMTN8.