Ufaniswe nentombazane unozinti weChiefs, uNtseki uyamvikela
Sihle Ngubo
Kufuze ukuthi ulale edumele kunabo bonke abantu eNingizimu Afrika unozinti weKaizer Chiefs, uBrandon Petersen ngoLwesithathu.
Lo nozinti wenze amaphutha amabili aholele ekutheni kungene amagoli ngesikhathi bedliwa yiMamelodi Sundowns ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership eLucas Moripe Stadium.
Kwelokuqala uphasele umdlali wangakubo ibhola, engungwe abeSundowns balithatha lagcina lidume phakathi.
Esigamekweni sesibili ugile izimanga exegelwa yizandla ebholeni abengalibamba, nalo lagcina likhale ezintanjeni.
Ngemuva komdlalo abalandeli beChiefs abebedinwe begane unwabu bagasele ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukungenami ngamaphutha ‘angenasidingo’ kaPetersen obegqoke ibhande likakaputeni.
Bebemfanisa noKaylin Swart unozinti weBanyana Banyana owenze amaphutha amaningi ngesikhathi leli qembu lesizwe lidlala kwiNdebe yoMhlaba ka-2023 eNew Zealand nase-Australia.
IBanyana igcine ikhishwe yiNetherlands kulo mqhudelwano, eyishaye ngo 2-0 kwiLast 16.
Omunye wabalandeli beChiefs ubhale kwiFacebook wathi: “Umehluko phakathi kukaBrandon Petersen noKaylin Swart ubulili nje kuphela”.
Uqhamukile nomunye obecikekile wathi: “uPetersen wenza into efanayo ncamashi neyenziwe uSwart kwiBanyana”.
Yize lo nozinti enze amaphutha kodwa uyisindisile iChiefs ekushayweni ngembudlu yamagoli.
Uvimbe amabhola amaningi amabi abengenza kube ngu 4-0. Ngemuva komdlalo uRulani Mokwena umncomile lo nozinti, wathi “ngokwami uyena obe umdlali ovelele kulo mdlalo.”
Umqeqeshi weChiefs, uMolefi Ntseki uthe akumele kukhonjwe unozinti ngenjumbane uma izinto zibhimbile eqenjini.
“Kulento kaBrandon, izinto ezinjena ziyenzeka ebholeni,” usho kanje uNtseki kwabezindaba ngemuva komdlalo.
“Uma ungabala amabhola amabi asisindise kuwo, uyabona ukuthi ayaxoleleka lamaphutha awenzile aholele emagolini.
“Yonke into eyenzeka emdlalweni webhola, ngeyeqembu lilonke,” kwengeza uNtseki evikela unozinti wakhe.
FUNDA NALA: IChippa isakha, kusho uMammila ngemuva kokubanjwa yiGalaxy
IChiefs izovakashela iCape Town City emdlalweni weMTN8 ngempelasonto. Akungabazeki ukuthi uPetersen uzobe enengcindezi enkulu uma ezobe ekhona ezintini zaMakhosi.