Alumelile amazwi kaRulani Mokwena abukela phansi iChiefs
Njabulo Shezi
Abanye babalandeli beKaizer Chiefs ibaxhilile inkulumo kaRulani Mokwena weMamelodi Sundowns ayisho ngemuva komdlalo walamaqembu ngoLwesithathu ntambama.
EzikaRulani Mokwena zishaye Amakhosi ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership obuseLucas Moripe Stadium ebigcwele phama.
Lo mqeqeshi osemncane unyathele amakhona abeChiefs ngesikhathi ethi leli qembu kusukela kudala linokuwina ngenhlanhla.
Abanye babalandeli beChiefs bazwakalise ukungenami kwabo ngalamazwi ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesithathu kusihlwa.
“Wothi ngiqale ngokubongela iMamelodi Sundowns ngokunqoba lo mdlalo. Kunqobe iqembu ebelingcono…
“Nginesiqiniseko besingcono kakhulu. Futhi ke uma ungawasebenzisi amathuba akho, kwenzeka kanjena,” kusho uRulani Mokwena ngemuva komdlalo.
“Bekumele siqede ngalo mdlalo kudala. Kodwa ke ngiyababongela abafana bami ngokulwa nangokuzimisela.
“Badlale kahle. Ngiyayibongela neChiefs ngokusinika umdlalo omuhle. Sizothatha amaphuzu amathathu sidlulele phambili.”
Ebuzwa ukuthi ngabe utheni kubadlali bakhe ngesikhathi sekhefu, kulapho ke umfo kaMokwena ekkhiphe amagama angehlanga kahle kwabeChiefs.
“Ngiphoxekile ngokuthi asiwasebenzisanga amathuba ethu. Angazi sidinga aze abe mangaki (ukuze sishaye igoli).
“Yingakho ngikhulume nabo ngesikhathi sekhefu, ngabatshela ukuthi ngokomlando, iChiefs yiqemu elinenhlanhla enkulu kabi.
“Umlando wabo lowo. Abadingi ukuthi bathoe amathuba amaningi futhi uma ulokhu ubagabisela ngomdlalo kanjeya, bazobuya.
“Ubonile kucishe kwenzeka belinganisa… Umdlalo ugcine uphela ngo 2-1 kanti igoli lokuwina lingene ngemizuzu yokugcina.
“Manje sekungathi bekuwumdlalo obunzima kakhulu kodwa ngicabanga ukuthi uPetersen (unozinti weChiefs) nguyena mdlali obevelele ngoba uvimbe amabhola amaningi.”
UBrandon Petersen yena uwavimbile amabhola abemabi, kodwa namagoli eSundowns abe ngohhewa bakhe.
FUNDA NALA: Ucela elinye ithuba umdlali owadlala ngomsebenzi kwiPirates neSundowns
Kwelokuqala uthathe ibhola walinika umdlali wangakubo ebheke ngakuye, yalidla iSundowns laphelela enethini.
Kwelesibili ke uvele wagila isimanga ededela ibhola selisesandleni, laqede lakhalakathela enethini.