EzakamuvaIbhola

Ujabule uMolefi Ntseki ukuthi iChiefs isiyasibamba isitayela sakhe

Sbongs Gumbi

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, useveze ukweneliseka kwakhe ngendlela iqembu lakhe elikhula ngayo, uthi abadlali sebeqala ukuyikholwa lento abafundisa yona.

UNtseki uthole iwini yakhe yokuqala njengomqeqeshi weChiefs ngesikhathi bebuya kade sebelandela ngemuva, beshaya iCape Town City ngo 2-1 kwiMTN8 ngeSonto. 

Ngaphambi kwalo mdlalo izinto bezingezinhle kuMolefi Ntseki. Iqembu lakhe alidlalanga kahle emidlalweni yokulungiselela isizini. 

Nasemidlalweni emibili yokuqala yeDStv Premiership izinto azihambanga ngendlela abalandeli abebefisa ngayo. 

Emdlalweni wokuqala, iChiefs yazabalaza kunzima, yagcina ithole iphuzu elilodwa kwiChippa United. 

Kulandele umdlalo la yenze khona kangcono ngokokudlala kodwa yagcina ihluliwe yiMamelodi Sundowns. 

Kodwa emdlalweni wawo neCity, Amakhosi adlale kangcono kakhulu futhi abekufanele ukunqoba obekungokokuqala kule sizini. 

Ekhuluma ngemuva kwalo mdlalo obuse-Athlone Stadium, uMolefi Ntseki uthe ujabule ngendlela abadlali bakhe abalandele ngayo amacebo abebewanikiwe. 

“Size kulo mdlalo siphuma komunye la sihlulwe khona yiSundowns. Besidinga ukuvuka sizithathe ngokuthi sidlale kahle,” kusho lo mqeqeshi. 

UNtseki uncome abadlali bakhe ngokuzinikela nokuzimisela ukufela enkundleni kulo mdlalo. 

“Kumele ngibancome abadlali ngendlela abasebenze ngayo ngokulandela amacebo ethu okudlala. Kusukela umdlalo uqala, ububona ukuthi bayafuna ukudlala. 

“Besibacindezela futhi singabaniki ithuba lokuphatha ibhola nelokudlala ngendlela abafisa ngayo.” 

UNtseki wenelisekile ngokuthi abadlali bakhe sebeqala ukukholelwa kulento abayenzayo nakumacebo akhe. 

“Ngicabanga ukuthi kuyabonakala ngendlela abadlala ngayo, sebeyazethemba. Bayakholelwa kulento esiyakhayo. 

“Sihlezi sithi kumele sikwethembe esikwenzayo. Kodwa lokhu esikwenzayo kunezigaba ezihlukene. 

“Esokuqala salezo zigaba sisibonile namuhla njengoba sinqobile futhi sidlulele emzuliswaneni olandelayo,” kuncoma uMolefi Ntseki. 

Nokho kusazobonakala ngokuhamba kwemidlalo ukuthi iChiefs izokwazi yini ukugcina lo mgqigqo iqhubekele nawo phambili. 

IChiefs izobhekana neSundowns emzuliswaneni wemidlalo eyandulela owamanqamu enemilenze emibili kwiMTN8. Komunye umdlalo i-Orlando Pirates izodlala neStellenbosch FC

Izinsuku, izikhathi nezinkundla okuyodlalelwa kuzo le midlalo zisazohlonzwa bese zimenyezelwa yiPSL ngokuhamba kwesikhathi. 

FUNDA NALA: Ubamba uyayeka uJohn Maduka oshodelwa abadlali kwiRoyal AM

Kodwa ngaphambi kwalokho, uMolefi Ntseki uzobe ebheke ukuthi abadlali bakhe bamqoqele amaphuzu agcwele okokuqala uma sebebhekene neTS Galaxy eMbombela Stadium eNelspruit ngeSonto. 

IGalaxy yiqembu elivamise ukuyisebenzisa kanzima iChiefs futhi uma kuvuma liyayixhopha.