EzakamuvaIbhola

URiveiro nesifiso kubalandeli bePirates ngoZakhele Lepasa

Njabulo Shezi

UJose Riveiro uthi umsebenzi kaZakhele Lepasa kwi-Orlando Pirates akukhona nje ukushaya amagoli kuphela. 

Uthi uthemba ukuthi abalandeli baleli qembu bayawubona omunye umsebenzi awenzayo ngaphandle kokushaya amagoli. 

UZakhele Lepasa uyiqale kahle kakhulu isizini ka2023-24 njengoba eseshaye amagoli amahlanu emidlalweni emithathu. 

Ushaye amathathu emdlalweni owodwa bebhubhisa iSekhukhune United kwiMTN8 ngoMgqibelo kusihlwa e-Orlando Stadium. 

Ngaphambi kwalo mdlalo lo mgadli odlala nakwiBafana Bafana ubeshaye amabili bebhekene neRoyal AM emdlalweni weDStv Premiership. 

Ugila lezi zimanga nje uZakhele Lepasa ubekade ebolekiswe kwiSuperSport United ngesizini edlule ukuze abuyise ifomu nokuzethemba. 

Akaconsi ke phansi njengamanje kubalandeli bePirates uLepasa kodwa kuyaziwa ukuthi kuke kwanezikhathi la abalandeli bebengamuzwa kahle. 

“Ngeke ngibatshela abalandeli bethu ukuthi bacabange noma benzeni – bangabalandeli bebhola futhi banemiqondo ephusile. 

“Bayayibuka imidlalo futhi kokunye babe nemibono ngesikwenzayo,” kusho uRiveiro ngemuva komdlalo uma ebuzwa ngoZakhele Lepasa. 

“Siyazama ukuphucula umlando weqembu nsukunzonke. Sizilungiselela ngayo yonke indlela esiyaziyo ukuze sidlale kahle emidlalweni yethu. 

“Kulezi zinsuku imisebenzi yabadlali enkundleni ayisafani nakudala. Unozinti akasangeneli ukuyovimba amagoli kuphela.

“Useyasiza ukuthi sidlale kahle uma siqala iminyakazo emuva. Ngakho kumele sixole uma kwenzeka elilahla ibhola… 

“Umgadli akasangeneli ukushaya amagoli nje kuphela. Eminyakeni edlule, bekudlalwa ibhola eliqonda ngqo kumgadli ukuze akhahlelele ipali. 

“Kodwa manje abagadli kumele benze okungaphezulu ngokuthi bazame ukuvulela ozakwabo izintuba. 

“Bavule inkundla ukuze abahlaselayo abamlandelayo oRele (Relebohile Mofokeng) no(Monnapule) Saleng babe nentuba yokuzama ukukhahlelela ipali.” 

URiveiro uthi abagadli besimanje yibo abokuqala ukumaka uma iqembu selilahlekelwe yibhola. Uyamncoma ke uZakhele Lepada kulokho.

FUNDA NALA: Ujabule uMolefi Ntseki ukuthi iChiefs isiyasibamba isitayela sakhe

“Siyazi ukuthi abalandeli bazobuka amagoli awashayayo umgadli. Kodwa ngingathanda ukuthi bake babheke umsebenzi awenzayo ukudlalisa abanye ozakwabo,”kuchaza uRiveiro.