EzakamuvaIbhola

Ubamba uyayeka uJohn Maduka oshodelwa abadlali kwiRoyal AM

Alfred Ngubane

UJohn Maduka, ongumqeqeshi weRoyal AM ukhala isibibithwane ngenxa yokushodelwa ngabadlali.

Lo mqeqeshi ubona kukhona izindawo ezingamakhonco abuthaka eqenjini lakhe. 

Uthi lokhu ukubone bedlala umdlalo weDStv Premiership ne-Orlando Pirates. 

Kulo mdlalo bangenelwe amagoli amathathu ngokushesha nangendlela abengayilindele, eveze ubuthaka beqembu lakhe. 

“Iqiniso nje ukuthi sizothwala kanzima kakhulu kule sizini njengoba bengekho abadlali esizobasayina,” usho kanje uJohn Maduka exoxa neMpempe ngempelasonto.

IRoyal AM imisiwe ekusayineni abadlali kuze kube ikhokha imali eyikweleta uSamir Nurkovic. 

Nokho lolo daba isaqhubeka nokuluphikisa njengoba ibona iFifa yathatha ngesinxele ekuvuneni lo mgadli waseSerbia kulo.

Kodwa ke okwamanje isinqumo sisamile kanti iqembu liphoqeleke ukuyotapa enkulisa yalo ngesikhathi amanye eqinisa ngabadlali abanamava aziwayo.

“Abadlali esibakhuphule besuka eqenjini lethu leDDC (DStv Diski Challenge) okwamanje ngeke basisize,” kulanda uJohn Maduka. 

“Ngeke basisize ngoba kusamele bafunde ukuthi izinto zenziwa kanjani eqenjini elikhulu, bajwayele nezinga lokudlala kwiDStv Premiership. 

“Kumele abantu bakuqonde ukuthi kwiDDC akuncintiswana ngezinga lakwiNFD (Motsepe Foundation Championship) lapho amaqembu asuke elwela  ukunyukela kwiDStv Premiership.

“Kubadlali abakhona esibakhuphulile kukhona uSiphiwe Cele, Wandile Mabuza, Bandile Dlamini noSabelo Sithole.” 

Nokho uJohn Maduka unethemba lokuthi iqembu lizophumelela emizamweni yalo yokuguqula lesi sinqumo seFifa ukuze akwazi ukuqinisa.

“Ngidinga umdlali waseswini nomdlali wasemuva maphakathi nendawo bes ekuba umgadli onamava. Lapho ke kobe sekuba ngcono kakhulu. 

FUNDA NALA: Ithuba lokuphindisa izinduku zishisa kwawaseSoweto kweyeMTN8

“Kodwa ngoba isimo sinjena ngizodlala ngabo laba badlali abakhona njengamanje.

“Sengithandazela nje ukuthi abadlali bami bangalimali njengoba sikulolubishi nje,” kukhala lo mqeqeshi odabuka eMalawi.