Kulamule uLepasa kukubi iPirates ihluleka eComoros
Sbongs Gumbi
Ubungaze ufunge ukuthi kukhona umfanyana omncanyana ongabonakali olekelela unozinti weDjabal Club ngesikhathi ibhekene ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo.
IPirates iwupathe uqala wazo wayophela lo mdlalo futhi beyikhempe engxnyeni yosokhaya kodwa ihlulwa nje wukushaya igoli.
Kuze kwalamula uZakhele Lepasa ongene esuka ebhentshini, kwathi elithinta okokuqala nje ibhola wabe eselinamathisela enethini.
Lapho bese kusele imizuzu emithathu lo mdlalo obuseStade Moroni Malouzini, eComoros ngoMgqibelo ntambama.
Cishe nayo iDjabal beyisithembile ukuthi izoya emdlalweni womlenze wesibili inalo ithutshana lokumangaza ngokusheshe iqede iphupho lePirates kulo mqhudelwano.
Nokho kufanele ukuthi emlenzeni wesibili iPirates iyobe seyilwela ukubhodla, ikhokhe nale nqwaba yamagoli ewayekile.
Umdlalo womlenze wesibili uzoba sekhaya lePirates, i-Orlando Stadium ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku.
Cishe kube ngunozinti uRichard Ofori kuphela kubadlali abaqale umdlalo kwiPirates ongalitholanga ithuba lokushaya igoli.
UMonnapule Saleng, abadume ngokuyibhakuzisa inethi, bebeqeja ipali selisele lodwa sebejike nonozinti.
NoRelebogile Mofokeng, obezenzela umathanda nje kulo mdlalo, uzame waze wadela ibhola lenqaba ukuyocabuza inethi.
FUNDA NALA: AbeMaritzburg necebo lokucindezela iRoyal AM kubangwa iHarry Gwala
Umgadli obeqala umdlalo wakhe wokuqala kule sizini kwiBucs, u-Eva Nga, naye ubatholile abakhe oqekelele kodwa naye wehluleka.