ILeopards iziphunga ngapha nangapha izesheli ezifuna uMuzeu
Usihlalo weBlack Leopards uChief Thidiela ukhala ngamaqembu ePSL ashela umgadli wakhe waseNamibia uBethuel Muzeu.
Lo mgadli, abaningi abebengazi ukuthi udlala kuleli, udlale kahle kakhulu kwi-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast.
Yingakho ke sekunamaqembu amaningi afisa ukumsayina uMuzeu, okhwenxa isikhindi njengoPeter Shalulile.
“Bayafona bangifuna lo mfana,” kusho uThidiela. “Manje bonke bathi bahlabeke umxhwele ngaye.
“Iqiniso ke kodwa ukuthi ngeke ngimdayise siyamdinga kakhulu kwiBlack Leopards.
“UMuzeu uyena esithembele kuye ngamagoli eqenjini lethu manje uma ngabe kuhamba yena.
“Sizomtholaphi omunye ozosishayela amagoli uma simdedela ngoba nesikhathi sibi.
“Uyakuqonda nawe ukuthi leli qembu belidliwe yizembe ngesizini edlule.
“Manje siqale phansi sathenga i-All Stars. Siqale kabusha iqembu lethu ngenhloso yokukhuza ibuya kwiDStv Premiership.”
UBethuel Muzeu uzakhele igama ngesikhathi egobela uDeon Hotto ibhola alingqofela enethini ngesikhathi iNamibia ishaya iTunisia kwi-Afcon.
Uphinde wagqama emdlalweni wokugcina weNamibia lapho ibidlala ne-Angola.
Uzikhombisile ukuthi ungumgadli osezingeni eliphezulu kakhulu.
FUNDA NALA: Uyavutha umbango weChiefs, Pirates neRoyal AM ngomdlali
Kumanje nguyena ohamba phambili ngamagoli kwiMotsepe Foundation League ngokushaya amagoli angu-10

