EzakamuvaIbhola

AbeMaritzburg necebo lokucindezela iRoyal AM kubangwa iHarry Gwala 

Njabulo Shezi

Abalandeli beMaritzburg  United bathi bazokweseka noma yiliphi iqembu elizofika lizodlala neRoyal AM enkundleni yaseMgungundlovu iHarry Gwala Stadium. 

IHarry Gwala bekuyinkundla yasekhaya yeMaritzburg iminyakanyaka kodwa ngemuva kokudliwa kwayo yizembe kwiDStv Premiership, izinto zijike kakhulu. 

Umasipala wedolobha uMgungundlovu wenzise ikwentombi eqomela imali njengoba ulaxaze iMaritzburg, wayinika iRoyal AM le nkundla. 

Kunevidiyo eke yashicilelwa yiMpempe la abeRoyal AM babexebula izithombe zeMaritzburg njengoba bekushintshwa kuzohlotshiswa ngemibala yabo. 

Manje ngokubika kukaNkululeko Dladla weSABC Sport, abalandeli beMaritzburg, abebeyigcwalisa phama iHarry Gwala, bathi bazolwa ngendlela yabo. 

“Abalandeli beMaritzburg United sebethathe isinqumo sokuseka wonke amaqembu adlala neRoyal AM enkundleni yaseHarry Gwala,” ubhale kanje uDladla kwiTwitter. 

“Ngokusho komunye wabalandeli, lena yindlela yokukhombisa ulaka lwabo ngesinqumo sikahulumeni sokuphuca elika(Farouk) Kadodia amandla.”

IRoyal AM seyivele idlale imidlalo emibili yeligi kule nkundla kodwa ayikanqobi nakanye. 

Emdlalweni wokuqala yabambana naMaZulu FC ngo 0-0. KowangoLwesihlanu ithelwe ngehlazo lika 3-1 yiStellenbosch FC. 

IMaritzburg, esidlala kwiMotsepe Foundation Championship, izoqhubeka nayo nokusebenzisa le nkundla. 

Izovula kuyo imidlalo yeligi ngoLwesihlanu luka-25 Agasti seyibhekene neMilford FC. 

Impempe ithole ukuthi kodwa leli qembu lizosebenzisa izindlu zokushintshela zeqembu lokuhamba yize lizobe lisekhaya. 

Kuthiwa licikwa wukuthi elasekhaya selihlotshiswe ngezithombe zeRoyal AM. Imeya yaseMsunduzi Municipality ithe nemaritzburg basayithanda. 

Icashunwe kwabe-iDiski Times ithi bazozama ukuyilungiselela iWoodburn Stadium, okuyinkundla yaberabhi. 

FUNDA NALA: Uselitholile ikhaya elisha uKhama Billiat owaduba iChiefs

Kodwa lokho kusazothatha isikhathi ngakho okwamanje izobe iqhubeka nokusebenzisa iHarry Gwala. Akwaziwa ke mhla zadlala ngosuku olulodwa ukuthi kuyomiswa kanjani.