EzakamuvaIbhola

Uncoma ozakwabo abenza ‘kube lula’ uMaswanganyi weBucs

Sbongs Gumbi

UPatrick Maswanganyi uqhubekile nokuba yiqhawe kwi-Orlando Pirates esiza ekushayweni kwamagoli amabili ehlule ngawo iStellenbosch Fc ngeSonto ntambama. 

Lamaqembu abebhekene emdlalweni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiMTN8 e-Athlone Stadium, eKapa. 

IPirates ibuye kade seyilandela ngemuva kulo mdlalo. Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi iStellies, edlale imizuzu engaphezu kuka-60 kulo mdlalo ingasaphelele, isishaye kuqala igoli.

Kodwa uPatrick Maswanganyi wenqabile ukuthi iBucs ibuyele ekhaya imisila ingaphansi kwemilenze. 

Uphakele uZakhele Lepasa elihle ibhola, nalo mgadli osefomini walingqofela enethini. 

Wenze okufanayo nakuDeon Hotto, naye walibasela enethini kwaba wukunqoba kwePirates.

“Ngibonga ozakwethu, bahlezi bengigqgugquzela. Angiwuqalanga kahle lo mdlalo njengoba bekungadlaleki kahle esiwombeni sokuqala. 

“Singenelwe nayigoli, kodwa sikwazile ukubuyela emdlalweni. Ngijabule ngokuthi sigcine sinqobile ekuhambeni,” kusho uPatrick Maswanganyi ngemuva komdlalo.

“Lokho kusibeka ethubeni elihle njengoba sesizoya ekhaya. Sijabule kakhulu ngalo mphumela.”

Njengoba kuyiwe ekhefini ilandela ngemuva iPirates, uMaswanganyi uncome amacebo abawanikwe wumqeqeshi uJose Riveiro. 

“Ngesikhathi sekhefu umqeqeshi usitshele ukuthi asehlise umoya, amagoli sizowathola,” kusho uPatrick Maswanganyi. 

“Sijabule ngokuthi sikwazile ukulandela amacebo akhe futhi sathola amagoli amabili ekuhambeni. Sijabule nangendlela esidlale ngayo.”

Uthi ukudlala nabadlali abanjengalaba anabo kwiPirates njengamanje kuwenza ube lula kakhulu umsebenzi wakhe.

“Uma ungumdlali uhlezi ufuna ukwenza kahle. Ngicabanga ukuthi ngenxa yabadlali esinabo, nabaqeqeshi, kuba lula ukudlala kahle. 

“UZakes uyawashaya amagoli ngakho ngijabule ukuthi ngiyakwazi ukumphakela amabhola amsizayo ukuthi enze umsebenzi wakhe kahle. 

“Nami ngiyafuna ukuwashaya futhi nginethemba lokuthi emdlalweni olandelayo ngizolishaya,” kusho lo mdlali odabuka eTembisa.  

FUNDA NALA: Ubalekele ichilo umqeqeshi osule isigubhukane kwi-Arrows

Umdlalo womlenze wesibili uzoba ngoSepthemba 24 e-Orlando Stadium la iStellies kumele ishay ekhona iPirates ngamagoli amabili kuya phezulu ukuze ingene kowamanqamu okokuqala.