UNtseki ufuna uJasond Gonzales akhale egijima njengempangele
Sbongs Gumbi
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uMolefi Ntseki, usezibophezele ekutheni asize umgadli wakhe omusha uJasond Gonzales ukuthi ajwayele ibhola lakuleli.
Lo mgadli oneminyaka engu-24 odabuka eColombia usand akufika kwiChiefs esuka kwiReal Santa Cruz edlala kwiPrimera Division eBolivia.
Ubolekisiwe kuleli qembu laseNaturena. Udlale umdlalo wakhe wokuqala ngempelasonto, engena ngesiwombe sesibili bebhekene neMamelodi Sundowns.
Uthathe undawo kaMduduzi Mdantsane obedons akanzima kulo mdlalo. UJasond Gonzales ufike nomehluko.
Lo mdlalo womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiMTN8 obuseFNB Stadium ugcine uphele zibambene ngo1-1.
Ukungena kukaGonzales kunike iChiefs enye indlela yokuhlasela njengoba enomzimba omkhulu futhi engumgadli oma ebhokisini.
Lokhu kwenze iChiefs ikwazi ukuthumela amabhola ebhokisini. Elinye lalawo mabhola lithunyelwe u-Ashely Du Preez.
Libe selihlangana no-Edson Castillo obe eselingqofela enethini ngomzuzu ka-61. Kodwa iSundowns ibuyile ngasekupheleni komdlalo.
UJunior Mendieta uthumele elihle ibhola ebhokisini, lahlangana noKhuliso Mudau obe eselingqofela enethini.
UNtseki ube esecacisa ngoJasond Gonzales athi usazodinga isikhashana ukuthi angene kahle eqenjini.
“UGonzales ngicabanga ukuthi usesimweni esifanayo nesika-Edson (Castillo),” usho kanje uNtseki kwabezindaba ngemuva komdlalo.
“Sisasebenza ngaye ukuthi aqonde kahle le ligi, aqonde izimbangi aphinde ajwayele kahle nendlela yethu yokudlala.
“Kuba nzima ke uma uletha umdlali isizini seyiqalile ngoba awusitholi isikhathi esanele sokumjwayeza.
“Manje sekumele akhale egijima njengempangele. Ngakho okubalulekile wukuthi simsize. “Kumele simenze azazi ukuthi muhle kuphi, bese azi nokuthi ozakwabo bahle kukuphi,” kuchaza lo mqeqeshi weChiefs.
UNtskeki uzoba nezinsukwana ke nokho zokuthi asebenze kahle uJasond Gonzales amenze lokho afisa abe yikho.
FUNDA NALA: Uncoma ozakwabo abenza ‘kube lula’ uMaswanganyi weBucs
Umdlalo olandelayo weChiefs sewuyoze ube ngoSepthemba 16 uma seyibhekene neRoyal AM emdlalweni weDStv Premiership.