UMiddendorp ucacisa ngabaqeqeshi abashiye eTanzania
Badala ngokwanele ukuthi bazithathele izinqumo abaqeqeshi abashiye eTanzania u-Ernst Middendorp futhi yena ubona ukuthi kumele bahlale khona.
UMiddendorp ushiye isigubhukane eqenjini laseTanzania ebelisanda kumqasha iSingida Fountain Gate.
Ukhale ngokuthi abaphathi bebefuna umlawula ukuthi udlalisa bani, ayeke bani.
Baphinde bambhansela ngokumxina ngephini abengazange alicele futhi angalazi nakulazi.
Ube esevele ecikeka qede wabamba ebuyayo eza eNingizimu Afrima eshiya abaqeqeshi abathathu abebalandele ukuyomeseka.
Lesi senzo sakhe sishiye abaningi beshaqekile, kodwa hhayi usihlalo weMoroka Swallows uDavid Mogashoa.
Lesi sikhulu sithe sona besazi ukuthi laba baqeqeshi abashiyise imisebenzi kuleli uzobashiya kanjalo.
UMiddendorp ubelande uThabo Senong ukuthi ayoba yiphini lakhe. Ulande noThembalethu Moses ukuyocija onozinti. UKelvin Ndlomo yena ubeyolapha abadlali.
Ebuzwa ngabeFAR Post ngalaba baqeqeshi abashiye ekuhambeni, uMiddendorp uthe ngeke abathathele izinqumo.
“Banezinkontileka neqembu. Kumele bazinqumele bona ukuthibayahlala noma bayashiya… Ngicabanga ukuthi kumele bahlale,” kusho lo mqeqeshi.
Kuvela ukuthi leli qembu licabanga ukuqoka uSenong ukuthi abe ngumqeqeshi okwesikhashana lisafuna ozovala isikhala sikaMiddendorp.
Yize engakaze aqeqeshi iqembu ngokwakhe, kodwa uSenong ungumqeqeshi onamava osebenze ezigabeni zamaqembu amancane kwiSafa.
Uke waqeqesha neqembu lesizwe laseLesotho phambilini. Akukhona ke okokuqala uMiddendorp ethatha umqeqeshi kuleli qede ayomshiya kwelinye izwe.
FUNDA NALA: Ziphinde zakhonya ezasePitori, zibhonya ezaseSoweto
Wenza okufanayo nakuMahier Davids owayemsiza kwiSt Georges yase-Ethiopia eminyakeni edlule.