EzakamuvaIbhola

Babhodlele kuNtseki abalandeli beChiefs ishaywa yiSuperSport

Baphinde bavuka injebomvu abalandeli beKaizer Chiefs kulandela ukuhlulwa kwaleli qembu yiSuperSport United ngoLwesithathu kusihlwa. 

Abalandeli bajikijele umqeqeshi uMolefi Ntseki, bememeza bethi akahambe manje sebedelile nguye yize kungakapheli nezinyanga ezimbili ewuqalile umsebenzi wokucija leli qembu. 

Lokhu kwenzeka nje akukapheli sikhathi esitheni kade kwenzeke into efanayo eMbombela Stadium kulandela ukushaywa kweChiefs yiTS Galaxy. 

ISuperSport iyishaye ngo 1-0 iChiefs kulo mdlalo, kwabe sekusuka izidubedube ngemuva kwawo, abalandeli besho ukumudla luhlaza uNtseki. 

Nangesizini edlule eRoyal Bafokeng Stadium u-Arthur Zwane, obengumqeqeshi ngaleso sikhathi, waphuma elimele kulandela ukujikijelwa ngabalandeli. 

Nakhona iChiefs yayiqeda ukushaywa ngo 1-0 yiyo iSuperSport le ebukeka seyiyiphuze inyongo. 

Ngemuva kwezidubedube zaseMbombela, iChiefs yahlawuliswa yiPSL kodwa ingxenye yemali yalengiswa, yaphoqwa nokuthi ixolise ngehlazo elenzekile. 

Ukulengiswa kwegwebo kwenziwa ngombandela wokuthi ngeke izithole yenze icala elifanayo eminyakeni emibili. 

IChiefs yathembisa nokuthi izohambela abalandeli bayo emagatsheni abo ibafundise ngezindlela zokuziphatha. 

Imenenja yeqembu, uBobby Motaung uzamile ukukhuluma nabalandeli kodwa kwanhlanga zimuka nomoya njengoba kwayena egcine esejikijeleka.

Ekhuluma nabezindaba ngemuva kokukhishwa abezokuphepha enkundleni, uNtseki uthe uyakuqonda okubenze balwe naye. 

“Ngicabanga ukuthi baphoxekile ngoba babuka indlela iqembu elidalle ngayo nokuthi bona babheke ukuthi sinqobe imidlalo. 

“Uma ke ungayiwini imidlalo efana nalona nalo wangempelasonto, nakanjani abalandeli bazophoxeka,” kusho uNtseki. 

“Yize bona bephoxekile, kodwa ngicabanga ukuthi sineqembu elihle, besinomdlalo omuhle. 

FUNDA NALA: UMiddendorp ucacisa ngabaqeqeshi abashiye eTanzania

“Abadlali bebenza konke okusemandleni futhi ngicabanga ukuthi icebo lethu lisebenzile namuhla wukuthi nje sisuke sasheshe sangenelwa yigoli.”