Ziphinde zakhonya ezasePitori, zibhonya ezaseSoweto
Kucime izibani emaqenjini amakhulu aseSoweto i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs ethola isibhaxu emidlalweni yeDStv Premiership ngoLwesithathu kusihlwa.
Emidlalweni eqale ngesikhathi esifanayo, iChiefs beyibhekene neSuperSport United ekuhambeni ePeter Mokaba Stadium, yathola induku ka 1-0.
IPirates yona beyisekhaya e-Orlando Stadium la iphinde yaphenduka iminqolo ishayelwa khona ngo 1-0.
EzasePitori zisheshe zazikhombisa ezaseSoweto ukuthi zizimisele ngokuphuma namaphuzu agcwele kulo mdlalo.
ISuperSport ilishaye ngomzuzu wesibili igoli egcine ikwazile ukulivikela kwaze kwaphela umdlalo.
NeSundowns ilishaye ngomzuzu ka-11 elayo, nayo yalwa yaze yagcina iphume nawo amaphuzu aphelele.
Lo mphumela usho ukuthi iSundowns seyinqobe imidlalo eyisikhombisa kulandelana kule sizini kwiPremiership.
Sekuphele unyaka ke yagcina ukuhlulwa emidlalweni yeligi. Seyinamaphuzu angu-21, futhi sekuqalile kuyacaca ukuthi ingahamba naso futhi isicoco.
Nokho inqobe izwile kwiPirates evuke indlobane esiwombeni sesibili isibona ukuthi iphendulwa iminqolo.
IPirates izoziduduza ngokuthi ikwazile ukumelana neSundowns futhi ukube beyinayo inhlanhla ngabe ilitholile igoli lokulinganisa.
Inhlanhla – le umqeqeshi weSundowns uRulani Mokwena ayikhomba kwiChiefs – ibonakala iseqenjini lakhe.
Igoli layo liqhamuke ngephenathi engacacile. Nangaphambi kokuthi kudlaliswe kabi uThemba Zwane, bekudlaliswe kabi umdlali wePirates iSundowns ithatha ibhola.
Kweminye imidlalo, iSekhukhune United iqhubekile nokuvulela induku kwiRoyal AM iyishaya ngo 1-0 eHarry Gwala Stadium.
FUNDA NALA: UMolatedi ukhala ngesinongo esiwuKeagan Dolly kwiChiefs
ITS Galaxy yona ishayane yaz eyabukana neCaoe Town Spurs lingekho eligoba uphondo.