EzakamuvaIbhola

Ngabe asephelile amaqhinga kumqeqeshi wePirates?

‘Angazi ngempela ukuthi kwenzekeni.’ Lawa kube ngamazwi omqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro.

Ubekhuluma ngemuva kokuthi iqembu lakhe lishaywe yiStellenbosch FC ngo 3-2 emdlalweni weDStv Premiership, e-Orlando Stadium, ngoLwesihlanu.

Obekukhalisa kakhulu lo mqeqeshi, obebukeka edumele kakhulu, ukuthi iqembu lakhe belihamba phambili ngo 2-0 kulo mdlalo kodwa lagcina lidliwe.

“Akukho nje okwenzekile. Besihamba phambili ngo 2-0 ngomzuzu ka-70. 

“Kumele ngicubungule kahle yonke into ngokushesha,” kusho lo mqeqeshi waseSpain.

“Sivele salahla ukuphatha umdlalo. Ngikholwa ukuthi ngengikubone ngisebhentshini besiwuphethe umdlalo futhi besingawuwina.

“Kodwa angazi kwenzekeni. Sivele sahluleka ukuphatha umdlalo. Awukwazi ukuhlulwa emdlalweni ngemuva kokuhamba ngo 2-0 emzuzwini ka-70.”

I-Orlando Pirates iyona evule inkundla kulo mdlalo ngegoli likaTapelo Xoki okube yiphenathi ngomzuzu ka-33.

Ziye ekhefini ngalo leli goli futhi iBucs ibidlala kahle. U-Evidence Makgopa ushaye igoli lesibili lePirates ngomzuzu ka-59, kwacaca ukuthi amaphuzu asala e-Orlando.

Kushintshe konke ngesikhathi umqeqeshi weStellenbosch, uSteve Barker, efaka u-Andre de Jong noNhlanhla Mgaga.

IStellies ishaye igoli lokuqala ngomzuzu ka-69, elize no-Iqraam Rayners. 

Kuthe kusabhekwe lokho babuya abafana baseKapa bashaya elesibili elize noDevin Titus ngomzuzu ka-71.

Ngaleso sikhathi ivele yathula cwaka i-Orlando Stadium ebhokile uMgaga kwesokunxele.

Kucacile ukuthi ayehlukana amathambo ngesikhathi uDe Jong eshaya igoli lesithathu ngomzuzu ka-77.

“Kumele sikucubungule ngendlela eyiyona okwenzekile. Asikwazi ukulahla umdlalo ngendlela esenze ngayo emizuzwini engu-20 yokugcina,” kuphetha uRiveiro.

IStellies ibisishaya iBucs okwesibili kule sizini. Emdlalweni wokuvula isizini iPirates ibuye nesibhaxu eKapa.

Ngeledlule i-Orlando Pirates ibihamba phambili ngo 1-0 ibhekene neSuperSport United kodwa yagcina ishaywe ngo 3-1 kulo mdlalo.