URiveiro uphawula ngoButhelezi ngemuva kokuthunjwa
Usendaweni emfanele nephephile uma enozakwabo kwi-Orlando Pirates unozinti osanda kudunwa imoto qede wathunjwa, uMelusi Buthelezi.
UMelusi Buthelezi udunwe imoto ngesonto eledlule kanti lesi simo kufanele ukuba siyamgqilaza emqondweni njengoba kungekhona okokuqala.
Nangesikhathi esakwiTS Galaxy, uButhelezi wadunwa imoto eSoweto qede walimala kabana egwaza yilezi zigilamkhuba ezazimphuca imoto yakhe.
Nokho umqeqeshi wakhe kwiPirates, uJose Riveiro uthi usesimweni esihle futhi ukulungele ukubuyela enkundleni.
UMelusi Buthelezi ubengekho eqenjini ngesikhathi iPirates ishaya iPolokwane City ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngempelasonto.
Iqembu belisamnike ikhefu elincane ngemuva kwesigameko okuthiwa senzeke eThokoza, empumalanga yeGoli.
Kodwa ngoMsombuluko usesejimini ngesikhathi iPirates izilungiselela umdlalo wayo olandelayo la izobhekana khona neCape Town Spurs e-Orlando Stadium ngoLwesithathu.
“Indaba kaMelusi Buthlezi, ngicabanga ukuthi okwenzeke kuMelu yinto okumele ixoxwe kwenye indawo hhayi la sixoxa khona ngomdlalo olandelayo.
“Ngakho ke, ngeshwa akukh okutheni engizokusho ngakolwami uhlangothi,” kusho uRiveiro kwabezindaba ngoMsombuluko.
“Ngicabanga ukuthi kuyezwakala. Iqembu selivele lisikhiphile isimemezelo noma isitatimende noma lizokwenza njalo maduze ngololo daba.
“Kodwa enginganitshela khona wukuthi ukahle futhi ufithi. Usendaweni ephephile lapha.
“Angisho ngokwezokuphepha kodwa ngisho ngokwesimo sengqondo ngoba sizama, nozakwabo bayazama ukumlekelela abuyele esimweni esifanele ngokugcwele.
“Mina njengomqeqeshi, enginitshela khona wukuthi ukahle. Ukhululekile futhi uzama ukuqala ikhasi elisha, aqhubekele phambili nempilo.
FUNDA NALA: Badonswe ngendlebe abeRichards Bay kubhukula iSpurs
“Nathi sikhona la ukumsiza ngayo yonke indlela esingakhona ngayo,” kuchaza uRiveiro, ongowokuzalwa eSpain.

