Ubefisa inkunzi ‘exhugayo’ uMammila kwiCarling Knockout
Umqeqeshi weChippa United, uMorgan Mammila, ubefuna ukudlala “neluxhugayo” pakhathi kweMamelodi Sundowns, iKaizer Chiefs noma i-Orlando Pirates kuCarling Knockout.
Kodwa iChippa esikhundleni salokho iqhathwe neStellenbosch FC ekhaya esigabeni sokuqala salo yalo mqhudelwano ngoLwesibili.
“Ukukhuluma iqiniso, ngiphoxekile. Bengicabanga ukuthi ngizothola iSundowns isaxhuga ngemuva kokuhlulwa kowamanqamu,” kusho uMammila kwabezindaba ngemuva kokuqhathwa kwamaqembu.
ISundowns ishaywe yiPirates emdlalweni wamanqamu kwiMTN8 ngempelasonto edlule.
“Uma kungeyona iSundowns, bengicabanga ukuthi ngizothola iPirates, uma kungeyona yona, kube yiChiefs.
“Ngiphoxeke kakhulu ngoba ukudlala nalawo maqembu amathathu eNelson Mandela Bay, sikhuluma ngabantu abangaphezu kuka-30 000 enkundleni.
“Nami ngingomunye wabo. Ngiyalujabulela lolu hlobo lwemidlalo, kodwa sidlala neqembu elisebenza kanzima iStellenbosch.
“Isebenza kanzima futhi iqeqeshwe kahle. Sikubeke kwacaca ukuthi asilona iqembu elilula ukudlala nalo… Uthanda ungathandi, awuhlomekeli kwiChippa.”
Ngaphansi kukaMammila kule sizini, iChilli Boys iqale kahle kwiDStv Premiership njengoba isendaweni yesikhombisa kwilogi.
Inamaphuzu angu-13 emidlalweni eyisishiyagalolunye. UMammila ucabanga ukuthi lokho sekumenze waba ngomunye wabaqeqeshi abaphambili kuleli.
“Ngezinye izikhathi nina (abezindaba) anihluleli ngendlela efanele,” kusho lo mqeqeshi ozikhulumelayo.
“Ubuka indlela iChippa edlala ngayo… Akuwona wonke amaqembu adlala njengathi kusho ukuthi ngihamba phambili ngamagxathu angu-10 kunabanye abaqeqeshi.
FUNDA NALA: UBlom akayizwa eyabathi ilula iligi yase-US adlala kuyo
“Akusekho ukuguquka. Ngisanda kuqala futhi ngongumqeqeshi ophambili, uthanda noma ungathandi, yizibalo ezisho lokho.”