EzakamuvaIbhola

Sukazi: Ukwazi imali yeCarling Knockout bekuzonyusa ugqozi 

Usihlalo weTS Galaxy owaziwa ngokuzikhulumela, uTim Sukazi, useveze imibuzo ngokungadalulwa kwesamba esizohlonyulwa yiqembu elizonqoba iCarling Knockout Cup.

I-PSL, ngomlomo kaFhathuwani Mpfuni, ithe imali eziwinwa kulo mqhudelwano izomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.

Lokhu ukusho ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni le ndebe entsha futhi kuqhathwa namaqembu azoncintisana kuyo. 

Kodwa baveze izinto ezintsha ezithokozisayo, okugqame kakhulu ukuthi uMdlali oVelele kuyo yonke imidlalo uzohamba no-R100 000. 

Umdlali ozohlomula le mali uzohlonzwa ngabalandeli ngokuvotela lowo ababona enza kahe kulowo mdlalo. 

Yize ekujabulele lokhu okuzohlonyulwa abadlali ngayedwana, uTim Sukazi ushaya amakhala ngokufihlwa kwemali ezotholwa ompetha.

“Besingathanda ukwazi kusenesikhathi ngemali yomklomelo ngoba lokho kwenyusa intshisekelo,” kusho uSukazi ngemuva kokuqhathwa kwamaqembu ngoLwesibili.

“Anginaso isiqiniseko ngesinqumo sokulubamba lolu lwazi, abantu abahlela le nto abazi kangcono… 

“Bakude kakhulu nathi futhi bazokutshela izizathu zokuthi kungani bezodalula imali yomklomelo ngokuhamba kwesikhathi. 

“Kodwa ebengingakuthanda kakhulu ngokubona kwami, ukwazi ngakho kusenesikhathi.”

FUNDA NALA: Ubefisa inkunzi ‘exhugayo’ uMammila kwiCarling Knockout

ICarling Knockout ingene esikhaleni seTelkom Knockout, lapho abawinile babehamba no-R4.25m.